INkantolo Ephakeme yaseGhana isichithe izinselelo zomthetho kuMthethosivivinywa omelene nokuthandana kobulili obufanayo
UMtaka ungumbhali wezindaba zamazwe neMeneja kwi-Igunundu Agency.
INkantolo Ephakeme yaseGhana ngoLwesithathu iwachithile amacala amabili ahlukene aphikisana nokuba semthethweni kweminye yemithetho yase-Afrika evimbela kakhulu ukuthandana kwabantu bobulili obufanayo, okuvula indlela yokuthi uMongameli awusayine ube umthetho.
Iphalamende lalezwe eliseNtshonalanga Afrika lawugunyaza ngazwi linye lo Mthethosivivinywa ngoNhlolanja. Lokhu kwenyusa ukushawa indiva kwamalungelo abantu abasebudlelwaneni nobulili obufanayo kanye nalabo abakusekayo lobobudlelwane.
Kodwa-ke, uMongameli uNana Akufo-Addo wabambezela ukuwusayina lomthethosivivinywa ukuthi ube ngumthetho kusalindwe izinselelo ezifakwe eNkantolo Ephakeme. U-Amanda Odoi kanye noRichard Sky, bobabili abameli, bafake izinselelo ezihlukene kulo Mthethosivivinywa, befuna umemezelwe njengongekho emthethweni futhi kuvinjelwe umongameli ukuthi awusayine.
Umehluleli uAvril Lovelace-Johnson, ovela enkantolo enamalungu ayisikhombisa, uthe esinqumweni ebesivezwa kuthelevishini la macala isikhathi sawo kasikafiki.
“Kuze kube yilapho kugunyazwa umongameli, akukho vele akukho okulotshwe emthethweni,” esho, enezela ukuthi amacala amabili “achithwe ngazwi linye”.
Abasekeli balo Mthethosivivinywa bebelokhu befuna umenyezelwe ngokusemthethweni yize uMnyango wezeziMali uxwayise ngokuthi ungabeka engcupheni izigidigidi ezi-$3.8 wokuxhasa ngezimali kweBhange Lomhlaba futhi uphazamise uxhaso lwemali ebolekiwe yezigidigidi ezintathu e-International Monetary Fund ukusiza iGhana ukuphuma enkingeni yezomnotho.