Now Reading
Izinsolo namacala engibhekene nawo kuqhutshwa yipolitiki: Gwamanda
Dark Light

Izinsolo namacala engibhekene nawo kuqhutshwa yipolitiki: Gwamanda

OwayeyiMeya yaseGoli, uKabelo Gwamanda, uthi izinsolo namacala abekwe wona kunesandla sepolitiki, futhi akazi ngezisulu ezike zavela ngalokhu.

Ubhekene namacala okukhwabanisa ngezinsolo zokuqola izakhamizi zaseSoweto ngohlelo lwenqubomgomo yomngcwabo oluwumgunyathi.

UGwamanda uthe, “Ngeke ngihlekise noma iyiphi inqubo okufanele yenzeke. Kunalokho, ngizoba yingxenye yenqubo ukuze ekugcineni sifinyelele lapho iqiniso livela khona. Engingakusho njengamanje ngokuzethemba futhi ngaphandle kokwesaba, uMpho Phalatse ungumqambimanga, ngoba konke akushilo kuphambene nalokhu engihlangabezana nakho ngakho lezo zindaba ezixoxwa nezisulu futhi zikhona ekhanda lakhe kuphela. ”

Scroll To Top