Now Reading
UMphathiswa waseGauteng uzichithile izinsolo zokuthi lesi sifundazwe asinamali
Dark Light

UMphathiswa waseGauteng uzichithile izinsolo zokuthi lesi sifundazwe asinamali

UMphathiswa wezeziMali nokuThuthukiswa koMnotho eGauteng, uLebogang Maile, uyichithile imibiko eveza ukuthi lesi sifundazwe sesisondele ekungabini namali (bankruptcy) .

Ekhuluma esithangamini nabezindaba eGoli, uMaile uvumile ukuthi kunezinkinga zezimali ezidalwe yisikweletu sama-etoll kodwa waqinisekisa ukuthi izimali zesifundazwe kanye nokuhlinzekwa kwezidingongqangi kuhlezi kuzinzile.

NgoMandulo wezi-2024, iGauteng yakhokha okokuqala izigidigidi ezi-R3.2  esikweletini sama-e-toll sezigidigidi ezingama-R20.1. Lokhu kulandela isivumelwano sokuthi uhulumeni wesifundazwe uzokhokha ama-30% wesikweletu, kanti uhulumeni kazwelonke uzosingatha ama-70% osele.

“Njengohulumeni waseGauteng, samukela ngokugcwele ngemithelela esibhekene nayo ngenxa yokukhokha isikweletu sama-etoll esizoba nayo esimweni sethu sezimali. Isikweletu sezigidigidi ezingama-R20.1, kuhlanganisa nenzalo, siyincithakalo enkulu ezinsizakalweni zethu ezivele zinwetshiwe nezinomkhawulo. Ukuze sihlangabezane nezibopho zethu zokukhokha lesi sikweletu, kuye kwadingeka senze izinqumo ezinzima kakhulu futhi sihlele kabusha izinto eziza kuqala kubhajethi yethu, okuzoba nomthelela ezimalini,” kuchaza uMaile.

See Also

Yize kunengcindezi yezimali, uMaile ugcizelela ukuthi isifundazwe sisazimisele ukufeza izibopho zaso zezimali ngaphandle kokubeka engcupheni izinsiza ezibalulekile.

Scroll To Top