Now Reading
Umkhandlu wamabhizisini aboHlanga ukwamukele ukunwetshwa komnqamulajuqu wokubhaliswa kwamaspaza
Dark Light

Umkhandlu wamabhizisini aboHlanga ukwamukele ukunwetshwa komnqamulajuqu wokubhaliswa kwamaspaza

Umkhandlu iBlack Business Council (BBC) ukwamukele ukwelulwa komnqamulajuqu wokubhaliswa kwama-spaza, uthi umnqamulajuqu wangaphambilini ubungeke usebenze.

UNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu uVelenkosini Hlabisa phambilini umemezele ukuthi lolu hlelo luzokwelulwa kuze kube umhla zingama-28 kuNhlolanja wezi-2025. UMengameli Cyril Ramaphosa uqale wanquma umnqamulajuqu wezinsuku ezingama-21, ephendula isidingo esiphuthumayo sokuqinisekisa ukulandelwa kwemithetho yezempilo nokuphepha kulandela izigameko zezifo ezihlobene nokudla obekuthengwa kwamaspaza.

Isikhulu esiphezulu saloMkhandlu uKganki Matabane uthe “Besihlale sazi ukuthi umnqamulajuqu wangomhla zili-17 kuZibandlela angeke neze usebenze, kodwa njengoba wazi, kufanele ufake ingcindezi ohlelweni. Ngakho siyakwamukela lokhu … sivumelene nohulumeni ukuthi kumele kuqiniswe ukuze wonke umuntu ezwe ingcindezi.”

See Also

“Niyazi abantu baseNingizimu Afrika, uma lungabekiwe usuku lomnqamulajuqu, akukho okuzokwenzeka. Futhi uma ngibheka ukuphuthuma kwesimo ngoba abantu babefa, ngicabanga ukuthi kwakunengqondo. Kodwa sasazi ukuthi kwakungeke kwenzeke, ikakhulukazi ngoba ziningi izinkinga.” Kuchaza lesikhulu

Scroll To Top