Now Reading
IZitoyitoyi zifuna athathelwe izinyathelo owayenguMengameli mayelana nezindleko zomthetho
Dark Light

IZitoyitoyi zifuna athathelwe izinyathelo owayenguMengameli mayelana nezindleko zomthetho

Iqembu i-Economic Freedom Fighters (EFF) lizobhekisa amabombo enkantolo liyofuna athathelwe izinyathelo loyo owabe enguMengameli wezwe  uJacob Zuma. Ngemuva kokuhluleka kukaSherifu weNkantolo ukunika owayenguMengameli izincwadi (serve) izikhathi eziningi, leli qembu selisole uZuma ngokuzama ukubalekela isinqumo senkantolo.

NgoLwezi nyakenye, i-EFF yayalela abameli bayo ukuthi bafake umuzi kaZuma oseNkandla kwizindleko zecala abakweleta zona ezifinyelela kwisigidi esi-R1.3.

Lokhu kumayelana namacala amabili: Ukubuyekezwa kwezinyathelo zokulungisa umbiko woMvikeli woMphakathi mayelana neNkandla kanye nesicelo sokungathweswa icala ngezindleko zomthetho ezihambisana nemizamo yakhe yokuhoxisa isicelo sakhe esiphuthumayo sokuvala umvikeli womphakathi ngaleso sikhathi, u-Adv uThuli Madonsela.

“MaFighters, wonke amacala esiwanqobile sibhekene noMnu uJacob Zuma, akakaze asikhokhele imali yezomthetho yawo. UZuma usikweleta imali yezomthetho. Sinomyalelo ovela enkantolo wokuthi kumele asikhokhele imali yethu ngoba siyamehlula enkantolo. Manje akawuthobelanga lowo myalelo wokuthi akhokhe imali yethu.,” kusho umholi we-EFF uJulius Malema.

See Also

I-EFF ithi uZuma udoje noma ubalekele uSherifi wenkantolo izikhathi ezintathu. Manje leli qembu lithi sekusele indlela eyodwa ekuwukuhambisa loludaba enkantolo.

Scroll To Top