Oqokelwe esobuMengameli eGhana usememezele ithimba elizophenya ngenkohlakalo
UMtaka ungumbhali wezindaba zamazwe neMeneja kwi-Igunundu Agency.
Oqokelwe esobumengameli eGhana uJohn Dramani Mahama useqoke ithimba elimelene nenkohlakalo elizoqoqa imininingwane mayelana nenkohlakalo, kusho ithimba lakhe lezinguquko esitatimendeni ngoLwesithathu.
UMahama, obemele iqembu eliphikisayo okhethweni lukamongameli lwangoZibandlela ziyisi-7 alunqoba ngamavoti alinganiselwa kwama-56%, uthembise ukuthi uzoyibuyisa imali elahleke ngenxa yenkohlakalo futhi ajezise abenzi bobubi uma engena esikhundleni ngenyanga ezayo.
Ithimba elimelene nenkohlakalo selisunguliwe lizilungiselela ukungena kwakhe esikhundleni. Usihlalo walo, iLungu lePhalamende uSamuel Okudzeto Ablakwah, ungusihlalo weKomidi lePhalamende leSiqiniseko noke wahlaba umkhosi ngezinsolo zenkohlakalo kumbuso.
Amanye amalungu amathathu ahlanganisa owayengumcwaningi mabhuku-jikelele, ummeli ozimele, intatheli ephenyayo kanye nowayeyiphoyisa elaziwa ngokuphatha amacala obugebengu asezingeni eliphezulu.
Lowo owayengumcwaningi mabhuku-jikelele, uDaniel Dumelovo, ukhishiwe esikhundleni sakhe ngemuva kokuphenya amacala okudliwa kwezimali okusolwa ukuthi kwenzeke ngaphansi kwahulumeni ophumayo. Ukuphikisana nenkohlakalo nokubuyiselwa kwempahla elahlekile bekungezinye zezithembiso ezibalulekile zikaMahama zomkhankaso. “Uhlose ukungena ngegiya eliphezulu uma esefeza lezizibopho,” kusho isitatimende.
UMahama ushaya ibuya kulesikhundla njengoba aphuma kuso eminyakeni eyisishiyagalombili edlule. Uthole ukugxekwa ngesikhathi ebusa ngowezi-2012-2016 ngezinsolo zenkohlakalo yezepolitiki, nakuba yayingakhonjwa kuyena siqu.