Now Reading
Uhulumeni wakuleli nezinhlelo zokubuyisa ekhaya ingane kamama oboshwe eMauritius
Dark Light

Uhulumeni wakuleli nezinhlelo zokubuyisa ekhaya ingane kamama oboshwe eMauritius

Ithimba loMnyango wezokuThuthukiswa koMphakathi selitheleke eMauritius, lizobuyisela ekhaya ingane encane, ezalwa owesifazane waseNingizimu Afrika oboshelwe ukushushumbisa izidakamizwa.

Unina wengane uneminyaka eyisithupha ulinde ukuqulwa kwecala. Uphakathi kwabangama-38 baseNingizimu Afrika ababoshwe eMauritius ngamacala afanayo. UKhomishana waseNingizimu Afrika eMauritius uDkt uHlamalani Manzini uthi umthetho waseMauritius uthi ingane enemnyaka engaphezu kwemihlanu ayikwazi ukuhlala nomzali oboshiwe.

UManzini uthe, “Kuyo yonke le minyaka emihlanu sixhumana noMnyango wezokuThuthukiswa koMphakathi, njengoba ingane isikulungele ukuthi igoduke, saxhumana nabo base benza izinhlelo zokuthola izihlobo zengane ukuze ibuyiselwe  ekhaya.

See Also

“Kusukela manje, uma ingane ingabuyiselwa ekhaya, kusho ukuthi izoyiswa esikhungweni lapho ingeke ibone isihlobo, nomama wayo. Ngakho-ke, lena imithetho yezwe, futhi siyayithobela imithetho yezwe,” kunezela uManzini.

Scroll To Top