Now Reading
I-IFP kufanele ihlole amagantsha ngaphambi kwengqungquthela yokukhetha ubuholi: Umhlaziyi
Dark Light

I-IFP kufanele ihlole amagantsha ngaphambi kwengqungquthela yokukhetha ubuholi: Umhlaziyi

Umhlaziyi wezepolitiki, uMnu uSandile Swana, uthi kuzomele i-INkatha Freedom Party (IFP) ihlole kahle amagantsha ayo ngaphambi kokuthi iye engqungqutheleni yokukhetha ubuholi ngonyaka ozayo.

USwana uthi lokhu kuzoqinisekisa ukuthi ubulungu obubili kwamalunga kanye nokungena ngesinyenyela kuyabhekwana nakho. I-Inkatha eholwa nguMhlonishwa uVelenkosini Hlabisa bekumele isingathe ingqungquthela yokukhetha ubuholi kulo nyaka ukuze kuqokwe umholi omusha, kepha leliqembu lakuqinisekisa ukuthi lengqunquthela isizobanjwa phakathi kwaNtulikazi noNcwaba ngonyaka ozayo.

USwana enaba ngombono wakhe uthe , “Enye yezinto ezinkulu okumele babhekane nazo wukucwaningwa kwamabhuku ngendlela emagatsheni. Uma umbango wezikhundla kwi-IFP ubakhona abathize befuna isikhundla esishiywe ngumholi waleliqembu ongasekho emhlabeni Inkosi Mangosuthu Buthelezi, abantu bangakha amagatsha mbumbulu benze yonke inhlobo yokuzama ukuwina ukhetho kuqedwe ngombuso womholi okhona njengamanje uVelenkosini Hlabisa. Sekuphinde kwavela lesi sihlava manje sobulungu obukabili, lapho umuntu engabi yilungu leqembu elilodwa.”

Scroll To Top