Idili lemidlalo ye-DDC ePrincess Magogo Stadium
UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.


Abathandi bakanobhutshuzwayo baKwaMashu namaphethelo, bazosizwa ngendaba isizungu njengoba kunedili lemidlalo yeDstv Diski Challenge (DDC).
Mine imidlalo ye-DDC ezobanjelwa ePrincess Magogo Stadium, kusukela kusasa ngoMgqibelo kuze kube iSonto.
Okuhle ukuthi yonke kungenwa mahhala, kanti kuyo le midlalo kuzobe kudlala amaqembu amane asesifundazweni iKwaZulu-Natal lokho kuzokwenza inkundla igcwale phama ngeke kugcine lapho kuzobe kukhona namaqembu amabili aseSoweto.
Kusasa ngoMgqibelo kuzovula omkhaya baKwaZulu-Natal iDurban City FC ezodlala neRichards Bay FC, lo mdlalo uzoqala ngele-13:00 emini.
IBay ayigayelwa mphako njengoba ihlezi endaweni yesibili kulogi isanda kuhlula iMamelodi Sundowns okungelula ukuba ihlulwe.
Usuku lakusasa luzovalwa umdlalo weLamontville Golden Arrows ne-Orlando Pirates ehlezi esicongweni muva nje, lo mdlalo uzoqala ngele-15:00 ntambama.
IPirates izodlala lo mdlao iqale yabuka ukuthi iBay idlale kanjani uma inqobile, kobe kusho ukuthi nayo kuzomele inqobe ukuze izoqhubeka nokuhlala esicongweni.
NgeSonto ngehora lokuqala emini kuzohubhana AmaZulu FC ayiqale kahle isizini, azobhekana neSundowns. Kumdlalo wokugcina uzoba phakathi kweKaizer Chiefs evikela isicoco ezibhekana neSekhukhune United.
IChiefs yize ivikela isicoco kodwa ayiqalanga kahle njengoba isendaweni yesi-7 kulogi.

