Now Reading
UZwane ubona umqansa kwiDurban City FC
Dark Light

UZwane ubona umqansa kwiDurban City FC

Umqeqeshi wa-AmaZulu FC u-Arthur “10111” Zwane uthe bazoya kumdlalo wabo neDurban City FC benezinkinga, kodwa yize kunjalo kuzomele bawathole kumnyama kubomvu amaphuzu amathathu.

La maqembu azotholana phezulu koweBetway Premiership, lo mdlalo uzokuba kusasa ngele-15:30 eMoses Mabhida Stadium.

UZwane ubekhuluma ngesikhathi kade kunePress Conference efaka labomkhaya ababili, ebibanjelwe eMoses Mabhida Stadium izolo emini.

“Lo mdlalo esiya kuwona neDurban City FC awulula neze, kubuhlunguke ukuthi siya kuwona sixhugela. Ngikhuluma nje uzobe engekho uNgwenya (Thandolwenkosi), ongumdlali omqoka eqenjini njengoba esezivezile kwimidlalo esesiyidlalile kule sizini. Ukuba khona kwakhe phambili, bekuzolisiza iqembu. Okwesibili ngicabanga ukuthi ikhefu leFifa liwuphazamisile umgqigqo wethu. Kulesikhathi kungadlalwa asikwazanga ukuthola imidlalo yobungani, amaqembu ebesingadlala nawo besingawatholi lokho kusilimaze kakhulu” kusho uZwane.

UNgwenya okuyisizini yakhe yokuqala kusukela iqalile isizini ka-2025/26 udlale imidlalo eyi-8 usevalele phakathi amagoli amane. Okuhle ukuthi kubuye uSiyanda Hlangabeza owabe ethole ikhadi elibomvu USuthu ludlala neTS Galaxy.

“IDurban City FC idlala kahle kakhulu inabadlali abangenawo amagama amakhulu okwenza ibe ingozi, uma iya phambili iyashoshela inabadlali abahle ongabala uMaseko (Samkelo) noMagawa (Sazi). Ngaphandle kwalokho leli qembu linomqeqeshi onamava amakhulu (uGavin Hunt) ofike wafaka indlela yakhe yokudlala, okungelulabukuthi ibambeke. Yize kunjalo kodwa thina njengoba sidlala ekhaya sifuna ukuqhubeka nomgqimgqo wethu wokungahlulwa emidlalweni yeligi” kubeka uZwane.

USuthu kule sizini ludlale imidlalo emithathu ekhaya yeligi ne-Orbit College, iMarumo Gallants neStellenbosch FC yomuthathu luyinqobile. Kumdlalo wokugcina luwashiswe ijezi iMarumo Gallants koweCarling Knockout Cup.

Kulogi leli qembu likaSandile Zungu lihlezi endaweni yesi-9 kulogi ngamaphuzu ali-12, kanti iDurban City FC yona ihlwezi kweyesine ngamaphuzu ali-15.

UMangethe (AbakaZwane) ube esefisela uSihlalo weKaizer Chiefs uKaizer Motaung izilokotho ezinhle njengoba ubehlanganisa iminyaka engama-81 yokuzalwa. Ube esesho ukuthi ulapho akhona ngenxa yakhe.

See Also

Isiyonke imidlalo yeBetway Premiership:
Namuhla:

  • Richards Bay vs Orbit College, eMhlathuze Sports Complex ngele-19:30

Kusasa:

  • AmaZulu FC vs Durban City, eMoses Mabhida Stadium ngele-15:30
  • Magesi FC vs TS Galaxy, eSeshego Stadium ngele-17h30.

NgeSonto:

  • Marumo Gallants vs Chippa United, eDr Molemela Stadium ngele-15:30.

NgoLwesithathu:

  • Orlando Pirates vs Polokwane City e-Orlando Stadium ngele-19h30.
  • Stellenbosch FC vs Golden Arrows, eDanie Craven Stadium ngele-19:30
  • Kaizer Chiefs vs Siwelele eFNB Stadium ngele-19:30.
Scroll To Top