Now Reading
Uyeza uMntungwa: Namuhla uyogeqa amagula ngakwaziyo kwikhomishana
Dark Light

Uyeza uMntungwa: Namuhla uyogeqa amagula ngakwaziyo kwikhomishana

Inhloko yophiko lwezobuNhloli uDumisani Khumalo uzokwethula ubufakazi kwiKhomishini kaMadlanga ePitoli namuhla.

UKhumalo uzoba ufakazi wesihlanu ukwethula ubufakazi phambi kweKhomishini.

Lekhomishana isizwe ubufakazi bukaKhomishana wamaPhoyisa kuzwelonke uFannie Masemola kanye noKhomishana wamaPhoyisa KwaZulu-Natal uNhlanhla Mkhwanazi, bobabili abancome umsebenzi kaKhumalo ethimbeni elijutshwe ukuphenya ukubulawa kosopolitiki.

UMasemola noMkhwanazi mhla bethula ubufakazi babo bancoma uKhumalo ngokusebenza amacala amakhulu ahlanganisa nelonjiniyela uArmand Swart, owashona ngemuva kokudutshulwa amahlandla angama-23 kanye nelikaNobhala-Jikelele we-African National Congress Youth League (ANCYL) uSindiso Maqaga, owabulawa ngowezi-2017.

See Also

UKhumalo naye kulindeleke ukuthi ethule ubufakazi ngokuboshwa kwakhe ngoNtulikazi, lapho ebekwe khona amacala okukhwabanisa nenkohlakalo.

Ngesikhathi ethula ubufakazi, uMkhwanazi watshela ikhomishini ukuthi ukholelwa ukuthi amacala abekwe uKhumalo anenhlese yezepolitiki kanye nemizamo yokwehlisa amandla emisebenzi yokulwa nenkohlakalo.

Scroll To Top