Ngiyiphoyisa elazi ubuphoyisa hhayi ipolitiki: Mkhwanazi
UMtaka ungumbhali wezindaba zamazwe neMeneja kwi-Igunundu Agency.
UKhomishana wamaPhoyisa KwaZulu-Natal, uLieutenant General Nhlanhla Mkhwanazi, izolo uqinisekise amalungu ePhalamende ukuthi isinqumo sakhe sokukhuluma ngenkohlakalo kwezobulungiswa akukona ukuthi usetshenziswa abathize kwezepolitiki.
Ubethula ubufakazi ngosuku lwesibili phambi kweKomidi lePhalamende le-Ad Hoc, eliphenya inkohlakalo ethinta ezokuphepha kuzwelonke.
UMkhwanazi ebuzwa ukuthi ngabe ucabanga ukuthi usetshenziselwa izinhloso zepolitiki. Uphendule wathi: “Ngiyajabula uma izakhamizi ziveza ukunganami kwazo. Amaqembu ezepolitiki amukelekile ukuthi nawo aveze ukunganami kwawo ; nawo angamalunga omphakathi. Kodwa ukusetshenziswa njengobuso kwezombusazwe kwaba yinkinga kimina. Kusukela lapho, osekwenzekile wukuthi abantu sebeqalile ukuthi ‘sifuna uMkhwanazi abe nguMengameli’. Ngize lapha izolo ngakusho…ngiyiphoyisa futhi ngazi ubuphoyisa, hhayi ipolitiki.”
