Now Reading
IDA ihlela ukuziqapha ngokhozi izincomo zeSIU ngesibhedlela saseTembisa
Dark Light

IDA ihlela ukuziqapha ngokhozi izincomo zeSIU ngesibhedlela saseTembisa

IDemocratic Alliance (DA) eGauteng ithi izoziqapha ngeso lokhozi izincomo eziqhamuke kumbiko weSpecial Investigating Unit (SIU) mayelana nenkohlakalo yasesibhedlela saseTembisa.

leliqembu lithi lokhu kuzobandakanya ukuqondiswa kwezigwegwe okuli-116 kanye namacala amane obugebengu athunyelwe kwiNational Prosecuting Authority (NPA).

Imiphumela yesikhashana iveze obala amaqembu amathathu okusolakala ukuthi eba imali engaphezu kwezigidigidi ezi-2 ngezivumelwano zomgunyathi.

Okhulumela i-DA kwezempilo eGauteng, uJack Bloom, uthe bakhathazeke kakhulu ngezinsolo zokuthi iqembu elikhulu kunawo wonke liholwa ngumshana kaMengameli Cyril Ramaphosa, uHangwani Morgan Maumela, owathola izinkontileka yezigidi ezingama-816.

See Also

UBloom uthe, “Ngaphezu kwalokho, izinkampani ezintathu ezinikezwe izinkontileka zesamba sezigidi ezili-13.5 zixhumene noVusimusa ‘Cat’ Matlala, okumanje ubhekene necala lokuzama ukubulala owayeyintombi yakhe.

Scroll To Top