Ubuholi bukaKhongolose eKZN buvakashele umndeni kaNyambose
UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.



Ubuholi be-African National Congress (ANC) esiFundazweni iKwaZulu-Natal buvakashele umndeni kaMnu uNathi Mthethwa obeyinxusa laseNingizimu Afrika eFrance, ngenhloso yokuyobhonga emswaneni.
UMnu uMthethwa, wedlule emhlabeni ngoLwesibili eParis, eFrance, lapho abetshalwe khona nguMengameli walapha eNingizimu Africa uMnu uCyril Ramaphosa kanye noMnyango wezobuDlelwano naMazwe omhlaba (DIRCO).
Phakathi kwabaholi abanyathele kaMnu uMthethwa eMbabe, eMpangeni kube uDkt uNkosazana Dlamini-Zuma, uDkt uSibongiseni Dhlomo, uMnu uJeff Radebe, uMnu uSiboniso Duma, noDkt uSibusiso Ndebele, uNkk Nomagugu Simelane-Mngadi nabanye abaholi baleli qembu.
Amanye amaqembu nawo kulindeleke ukuthi afike kubo kaMnu uMthethwa, ekuqhubekeni kwesikhathi.

