Ungubani lo Mnuz. uS. owagixabezwa nge-Impala
Kwakungeyona imali kuphela eyayihamba phambili, kukhona nowaphiwa Impala
Akuyona kuphela inkece eyayihanjiswa phambili ebudlelwaneni bukaVusimuzi “Cat” Matlala, nomhlobo wakhe uBrown Mogotsi kanye nalabo ababenokuxhumana nabo, kepha kukhona nowagixabezwa nangesilwane sasendle, Impala.
Igama leMpala livele livele izikhashana ebufakazini bukaLt-Gen. Dumisani Khumalo okuze kwaphoqa uSihlalo weKhimishini uMehluleli uMadlanga ukuba abuze ukuthi iyini leMpala okukhulunywa ngayo. UMadlanga ubuza lo mbuzo nje kulandela ubufaka Lt-General Khumalo obefuna imiqhafazo eyayithunyelwa phakathi kukaMatlala noMogotsi.
Kulo mqhafazo uMatlala wayeyalela uMogotsi ukuthi anikeze uMr S. Impala ukuze ayigcine epulazini lakhe. Namuhla ekuseni uKhumalo uzoqhubeka nokwethula ubufakazi bemiqhafazo phakathi kwalaba okungenzeka kugcine kuvelile ukuthi ngubani loMr S. weMpala.
Ebuzwa uKhumalo ukuthi ngubani loMr S. owayezohlomuliswa nge-Impala uthe okwamanje akanalo ulwazi kodwa njengoba uphenyo luqhubeka kungenzeka kugcine kuvelile uuthi ungubani. Echazela iKhomishini ngokuthi unolwazi olungakanani nge-Impala uthe, “KwaZulu ikhona Impala iyisilwane esimba eqolo esijwayele ukudliwa emicimbini yomntakabani.”
Ebufakazini bonke bayizolo uLet-General Khumalo ubegxile ekushintshaneni ngemiqhafazo okugcine kuvela negama likaNgqongqoshe wamaphoyisa uMnu uSenzo Mchunu kweminye. Utshele iKhomishini ukuthi uMatlala wayekhokhela uMogotsi izizumbulu zemali ukuze athole ulwazi olunzulu nolubucayi esiphoyiseni. Phakathi kwenkokhelo kukhona isamba se-R37 ooo esakhokhelwa inkampani ehlelela abantu uhambo iGotlhle Travel Specialists okuthiwa ngekaNks uDorothy Oarabile Lekhoaba okuthiwa unobuhlobo obuqinile noBrown Mogotsi.
Phakathi kokunye uMatlala wabuye wathumelala uMogotsi udaba olwalushicilelwe kuNews24 ngaphansi kwesihloko esithi,”UKhomishana Wamaphoyisa uFannie Masemola usenxuswe ukuba amise inkontileka yezigidigidi enokukhuluma ecubungula isimo sezempilo.”
Kukhona nalapho uKhumalo efunde khona umqhafazo phakathi kwalama doda lapho uuMogotsi ethi bazoqasha uKhomishana wesifundazwe omusha eNorth West. UKhumalo uthe ufunda le miyalezo nje uzama ukuveza isithombe esisobala ukuthi izinto zaziguqulwa kanjani ukuze kwakheke isithombe esingekho ngophiko oluyisipesheli lwamaphoyisa olwaluphenya ngokubulawa kosopolitiki, iPolitical Killings Task Team.

