Now Reading
Sikhulu isililo kubantu baseVryheid ngokuphucwa umhlaba abebala elimhlophe
Dark Light

Sikhulu isililo kubantu baseVryheid ngokuphucwa umhlaba abebala elimhlophe

Ziyaveva iziNduna kanye nomphakathi waseVryheid ngokuthathwa komhlaba owabe usubuyiselwe kubona, uthathwa ngabamhlophe ukuze kukhandwe izimayini ezibahlukumezayo.

Lokhu kuvele namuhla kumhlangano oqale ekuseni eVaal Bank eduzane naseHlobane. Kulo mhlangano iziNduna zihlangene noNgqongqoshe wamaPhoyisa kazwelonke uMnu uSenzo Mchunu.

Isikhalo esikhulu esokuthi lokhu sekuze kwagcwala amaZama-Zama anobugebengu nokuhlukumeza komphakathi waseVaal Bank.

Abanye bakhala ngokuthi izindlu zabo abazithenga mhla kuthutha imayini eVaal Bank sezisengcupheni ngokuthi amaZama-Zama ayaqhubeka nokumba umhlaba.

See Also

UMchunu uthe akukwazi ukuthi iziNduna nomphakathi sekungathi babuyiselwa umhlaba bese beba amagwala bayeke ukulwela umhlaba okungowabo.

“Inkinga niyababuka abebala elimhlophe bedla ifa lenu kodwa niqhubeke nikhononde nithi lo Hulumeni akasebenzi. Okumele kwenzeke ngendaba yaseMakhwathini ukuba sibonane noMnyango wezokuBuyiswa koMhlaba ukuze sibheke ukuthi abukho yini ubugebengu obenzekile. Phela abanye benu babuye bahlangane nabelungu ngomnyama, bavume ukuxhoshwa ngokuthi baphiwe imizi nezimoto zikanokusho. Lokho ungakubona kukukhulu kodwa kuncane kunalo mhlaba osuke usuwuphe owebala elimhlophe” kusho uMnu uMchunu.

Scroll To Top