Abasebenzi bakaSixty 60 bakhala ngokuxhashazwa
Bafisa sinabele nakwezinye izindawo isiteleka sabo abasebenzi abangabashayeli bezithuthuthu zenkampani engaphansi kwesitolokazi esikhulu iShoprite eyaziwa ngeSixty 60. Labasebenzi baseHillcrest abadiliva ukudla ngendlela esheshayo ezindaweni ezakhelene nezitolo zakwaCheckers kuleli dolobha bathi bathathe isinqumo sokupaka izithuthuthu ngoba befuna ukuzwakalisa ilaka labo kumqashi nakubantu.
NgeSonto abanye abasebenzi abakhulume nelaboHlanga bathe bayafisa ukuthi isiteleka sabo sizwele nakwezinye izitolo ezingaphansi kwale nkampani ngoba bayacabanga ukuthi bahlukunyezwa ngendlela efanayo. Emuva kokuthintwa ngomunye wabasebenzi elaboHlanga libathole bepakile bethi angeke babuyele emsebenzini umqashi engakakhulumisani nabo. “Zinsuku zaphuma sisebenza amahora ali-12 kusuka ngoMsombuluko kuya eSontweni singaphumuli.
Okusikhalisa kakhulu ukuthi njengoba sisesitelekeni nje kukhona ozakwathu iningi labo eliqhamuka emazeni angaphandle elisebenzayo okuzodala ukuthi lesi siteleka sethu singazweli kumqashi,” kuchaza omunye wabasebenzi ocele ukungathwetshulwa negama lakhe ligodlwe ngoba esabela ukuthi kungenzeka athole ukuhlukumezeka.
Batshele leli phephandaba ukuthi muva nje kunezimali ababanjelwa zona okuthi uma bezama ukuthola izimpendulo ngazo kube nhlanga zimuka nomoya. Bathi njalo uma bezama ukuhlangana ukuze bakhulume ezithinta ukungaphatheki kahle kwabo ozakwabo abangobokufika babashaya indiva baqhubeke nokusebenza kube sengathi akwenzekanga lutho.
“sesithathe isinqumo sokuyilwa ngabodwana lempi ngoba siyabona ukuthi akekho umuntu oyosizwa uma kukhona abasesitelekeni abanye besebenza. Abantu esibadilivela ukudla emakhaya abazi ukuthi sisebenza ngaphansi kwezimo ezinjani, kuyaye kusiphathe kabi uma kugcina sekulimala nabo ngenxa yokungafuni ukusilalela komqashi,” kusho omunye wabasebenzi. Bathe bazoqhubeka nokuqhinqa kuze kube bayalalelwa. ElaboHlanga linikele kuCheckers omkhulu eHillcrest ngenhloso yokuthola ukuphawula koMphathi okuthiwa uzoze abe khona ngoLwesithathu.

