UNcanana uncoma ubumbano eqenjini abona kuyilo olwenza benze kahle
UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
Ubona bezowathola ephelele amaphuzu amathathu ku-AmaZulu FC
UKaputeni weDurban City FC uSiphamandla Ncanana utusa ubumbano okuyilo olubenza beqhubeke nokwenza kahle kusukela kuqale isizini.
IDurban City FC kusukela kuqale isizini ka-2025/26 akukhombisi ukuthi ingomakoti ngendlela eyenza ngayo, kwazise ilokhu iqhubeke njalo ngokubhinxisela nxanye amaqembu amaningi.
“Ngesikhathi kuqala isizini akekho ebezitshela ukuthi sobe silapho esikhona njengamanje. Siqale kahle kakhulu, okungewona umlingo kodwa kungenxa yokubambisana eqenjini. Siyisikwati sabadlali abancane, siyasizana, siyakhuthazana ngaso sonke isikhathi iyona leyo esenza noma kuthiwa siyalandlela ngemumva sikwazi ukugcina sinqoba” kusho uNcanana.
Uthe okunye okubasizile ukuthi kuqala isizini sebebumbene bengafani namanye amaqembu asaphemba, lokho kuzobasiza mese ziya kumaliyethe nhoba bayobe sebewaqoqile amaphuzu.
Kule mpelasonto iDurban City FC izobhekena na-AmaZulu FC kumdlalo weBetway Premiership, lo mdlalo uzokuba kusasa eMoses Mabhida Stadium ngele-15:30.
Ngamalungiselelo uthe: “Siwulungiselele kakhulu lo mdlalo. Sithe masiqeda ukujima namuhla (esho izolo), sasho sathi engcono kuthiwa siyadlala khona izolo. Ngoba siyawafuna lamaphuzu amathathu. Ukunqoba umdlalo womkhaya kuhlezi kuyinto enhle kakhulu, kufana nokuthi uthole amaphuzu ayisithupha kumdlalo owodwa”.
Lo mdlali odlala emumva uthe kubasiza kakhulu ukuba noGavin Hunt ebhentshini njengomqeqeshi wabo.
“Ngeke sakuphika ukuthi okunye okwenza iqembh lenze kahle ukuba khona kwamqeqeshi okhona njengamanje. Amava akhe makhulu ngendlela eyisimanga, kumnandi ukusebenza naye ngoba uhlezi efisa senze okuhle silwele iqembu. Ubengaya kwamanye amaqembu makuqala isiizni kodwa weza lapha, okuyinto ayiyazi yena ukuthi wenzani” kubeka uNcanana.
Usonge ngelokuthi ufisa baqede bebalwa namaqembu ayi-8 aphezulu makusongwa isizini.

