Umshushisi omkhulu we-ICC ufake isicelo sokuthola incwadi egunyaza ukuboshwa kukaNdunankulu wakwa-Israeli kanye nomholi weHamas eGaza.
Amakhulu ababhikishi ahlangane enhlokodolobha yaseTunisia ngeSonto efuna kukhululwe izintatheli eziboshiwe, izishoshovu kanye nezikhulu zamaqembu aphikisayo, kanye nokunqunywa kosuku lokhetho lukamengameli olunobulungiswa.
Oshayasibhamu abathumbe abantu abayi-105 enyakatho ntshonalanga yeNigeria ngesonto eledlule kuvela ukuthi abafuni ukukhokhelwa imali yesihlengo kodwa bafuna ukuxoxisana noHulumeni wesifunda iZamfara.
Ombayimbayi bakwa-Israeli bangene bajula empumalanga yeRafah ngoLwesibili.
UMongameli waseRussia uVladimir Putin, engxoxweni eshicilelwe namhlanje ekuseni, uthe uyalweseka uhlelo lweChina lokuxazulula inkinga yase-Ukraine ngokuthula, wathi iBeijing ikuqonda ngokugcwele ukuthi yini edale le nkinga.
UNobhala Jikelele weNhlangano Yezizwe (UN) u-Antonio Guterres usenxuse zonke izinhlangothi eSudan ukuthi ziyeke ngokushesha ukulwa futhi ziqale kabusha izingxoxo zokubeka phansi izikhali ngaphandle kokubambezeleka okwengeziwe.
Abafundi abayisishiyagalolunye bathunjwe oshayasibhamu enyuvesi yaseKogi esenyakatho neNigeria, kusho uHulumeni Wesifundazwe ngoLwesihlanu.
Umholi weqembu eliphikisayo eChad, uSuccès Masra, ufake isicelo esisemthethweni emkhandlwini womthethosisekelo wezwe ukuthi aphikise imiphumela yokuqala yokhetho lukamongameli lwangoNhlaba ziyisi-6.
Kushone abantu abali-15 kwalimala abangama-20 ngeSonto ngesikhathi kuwa ingxenye yefulethi laseRussia ngemuva kokushaywa yizicucu zezikhali ezicitshwayo.
Amasosha aseMozambique alwa nabashokobezi abahlasele idolobha elisenyakatho neMacomia ngoLwesihlanu ekuseni.
Abahlanganyeli engxoxweni kazwelonke yaseMali ngoLwesihlanu bancome ukwelulwa kwenguquko eholwa amasosha eya entandweni yeningi ngeminyaka emithathu futhi kuvunyelwe umholi weJunta u-Assimi Goita ukuthi angenele ukhetho ekugcineni.
UMengameli wase-USA uJoe Biden wafunga okokuqala esidlangalaleni ukuthi uzogodla izikhali ezithunyelwa kwa-Israeli uma amasosha ayo ehlasela kakhulu iRafah eningizimu yeGaza.
Leli lizwe kalilutho ngaphandle kwe-United State of America nalo liyakwazi lokho.
Umshushisi womphakathi waseTunisia ngoLwesibili ubophe uSaadia Mosbah, isishoshovu esidumile futhi esiyinhloko yenhlangano engekho ngaphansi kukahulumeni evikela amalungelo abokufika.
OwayenguMengameli uMnu Thabo Mbeki uthi i-African Union (AU) ibuthaka futhi ayikwazi ukubhekana nezinselelo ezikhona ezwenikazi.
UNgqongqoshe weZobudlelwano Nokusebenzisana Kwamazwe uNaledi Pandor usenxuse iNkantolo Yamazwe Yamacala Obugebengu (ICC) ukuthi ikhiphe incwadi egunyaza ukuboshwa kwezikhulu zakwa-Israeli ezithinteka ekubulaweni kwezakhamizi ePalestine.
Abenzimthetho eTogo bagunyaze izinguquko kuMthethosisekelo wayo oxhumene nemikhawulo yamahlandla kaMengameli kanye nendlela okukhethwa ngayo omengameli.
IJunta ehola iNiger icele i-USA ukuthi ihoxise amasosha ezweni ngenxa yokungaboni ngaso linye neWashington.
IHamas ishicilele ividiyo ngoLwesithathu ekhombisa uHersh Goldberg-Polin, umIsrayeli wase-USA owathunjwa ngesikhathi leli qembu lihlasela u-Israeli ziyisi-7 kuMfumfu.
Kuzwakale ukuqhuma okuthathu enyakatho mpumalanga maphakathi nesifundazwe sase-Isfahan, Iran kusho abezindaba zeFars khona e-Iran namuhla. …...
UNgqongqoshe Wezangaphandle wase-Italy u-Antonio Tajani usephakamise ukuthi u-Israeli imise ukusebenza kwezempi eGaza, waphinda wathi sekuyisikhathi…...
IChina ne-Indonesia bazibophezele ekuqiniseni ubudlelwano bezomnotho kanye nokugcina ukuthula nokuzinza esifundeni.
I-United Nations Security Council (UNSC) ihlelelwe ukuvota namhlanje esicelweni sasePalestine sobulungu obugcwele be-UN.
Inkantolo yaseTunisia izolo igwebe intatheli edumile uMohamed Boughalleb, umgxeki omkhulu kaMengameli uKais Saied, izinyanga eziyisithupha…...