Now Reading
Igadle kwezwakala i-United Nations General Assembly emaNgisini
Dark Light

Igadle kwezwakala i-United Nations General Assembly emaNgisini

 

UMHLANGANO we-United Nations General Assembly (UNGA) ngodaba lwaseChagos Islands ube ‘yinhlovolo’ ekhombise ukuthi amazwe angamalungu ale nhlangano ayithatha kanjani i-England. Kulo leli laboHlanga sabhala phambilini emuva kokuba elamaNgisi lishaywe engeqiwa ntwala ngoNhlolanja kulo nyaka mhlazane i-International Court of Justice (ICJ) inquma ukuthi ayiphume iphele esiqhingini esibizwa ngeChagos esise-Afrika.

Kuleli sonto lo Hulumeni, ngaphandle kokuthi ubhekene nezinkinga emuva kokwehla esikhundleni kukaNdunankulu, uphinde wahlangabezana nembibizane kwezobudlelwane namanye  amazwe.

Ngomhla zingama-22 kwephezulu, i-UN General Assembly, engathathwa njengePhalamende lamalungu ale nhlangano ngoba yilapho amazwe omhlaba enezwi elilinganayo, ibambe umhlangano wokudingida eyaseChagos Islands. Lo mhlangano, owandulelwa yisinqumo se-ICJ, ubanjwe emuva  kwesiphamakiso seMaurituis sokuthi i-UN iphinde ibeke uvo lwayo mayelana nokukhululwa kweChagos Islands.

Ingqikithi yalesi siphakamiso wukuthi izinqumo ze-ICJ aziwona umnqamulajuqu kepha ziyasiza kakhulu ukuhlahleni indlela engahanjwa ukuze kutholakale izisombululo ezingqinambeni ezibandakanya amazwe ahlukene angamalungu e-UN.

Ngayelo ndlela, lo mhlangano obukuleli sonto ububalulekile ngoba unikeze ithuba i-UNGA lokuthi iphinde igcizelele lapho imi khona ngalo mhlola wakudala wokugwamandwa komhlaba iMauritius ngamaNgisi.

Isiphakamiso ebesize neMauritius yesekwa ngamazwe ase-Afrika okuyiso umhlangano obuhlezi ngaphansi kwaso besithi, i-UNGA, kumele yeseke umbono we-ICJ owathi eyokuhlala kwamaNgisi eChagos Islands iphambene nemithetho elawula ubudlelwano phakathi kwamazwe. Besiphinde sithi i-UNGA ayeseke ukuthi elase-England malinikezwe izinyanga eziyisi-6 ukuphuma kulesi siqhingi. Lo mhlangano uphethe ngokuthi kumalungu ali-193 e-UNGA, kube amazwe ali-116 aseke iMauritius, kwayisi-6 aseke i-England ngokuthi aphikisane nalesi siphakamiso kwase kuthi angama-56 aqoke ukugodla ivoti lawo.

Le miphumela iwashaqe womabili la mazwe. UHulumeni waseMauritius uveze ukuthi injabulo yawo iza nokumangala ngoba noma bebelindele ukuthi bazoxhaswa kepha bebengalindelanga ukuthi bawele ngelibanzi. Ngakokulunye uhlangothi, i-England yona ishaqekile ngoba iye kulo mhlangano imagange ngoba ithi imikhankaso yayo yaphambilini ikakhulukazi eyokusongela amazwe amancane izophumelela.

Ngamanye amazwi, noma ngabe beyinezinsolo zokuthi izokwehlulwa, kepha ibingalindele igebe elikhulu kangaka. Okuphinde kwashaqisa i-England ukuthi emazweni anqume ukugodla ivoti lawo kubalwa lawo ayingxenye yezwekazi i-Europe nobekulindelwe ukuthi ayeseke okuyiFrance, iGermany, i-Austria, ngisho ne-Ireland imbala.

Kunokuba amaNgisi ayivume induku, uMnyango Wezangaphandle uveze ukuthi awukhathazekile kangako ngoba vele izinqumo ze-UNGA, njengeze-ICJ aziwona umnqamulajuqu. Ngala mazwi i-England iziphendula iqaqa lona elingazizwa ukunuka, ngakho-ke kumele ikhunjuzwe ukuthi nangamhla i-ICJ ikhipha esayo isinqumo yasho njalo, kepha lokho akuzange kwenze ukuthi amazwe angamalungu e-UNGA angakweseki ukubizwa kwalo mhlangano.

See Also

I-United Nations General Assembly. Isithombe: nguBasil D Soufi

Noma ngabe kuthiwa izinqumo ze-UNGA azifani nezeSecuity Council (SC) zona okumele zifezwe noma kanjani, umlando wokusebenza kwe-UN uyaqinisekisa ukuthi udaba oseluke lwafakelwa amehlo i-UNGA aluphinde lukhohlwe. Okuhle futhi ngalesi sinqumo ukuthi emuva kwesikhathi esinqunyiwe (izinyanga eziyisi-6) i-UNGA izophinde ihlale ukubuyekeza osekwenzekile.

Kunokuba i-England iqhubeke nokuzikhohlisa ngokuthi lesi sinqumo asinasisindo, ingazisiza ngokuthi igxile ezindabeni zayo zokwehlukana ne-European Union (EU), bese izithoba ngokuthi ihlale phansi neMauritius.

Mhlawumbe ukuzehlisa kungadala ukubonisana ngokuthi lokhu kuphuma kwayo ezweni okuvele kungelona elayo kungahlelwa kanjani ngendlela engeke ilimaze izinhlelo zayo, ikakhulukazi ezokupheppha ezikhona eChagos Islands.

Akubuzwa ukuthi ‘le nhlolovo’ eyisinqumo se-UNGA igcizelela ukuthi seliyishonele i-England. Kodwa ngoba amazwe afana naleli ayaziwa ngobuqili uma kubhekenwe nezimo ezifana nalezi, kumele labo abekade bekhankasela inkululeko yalesi siqhingi baqhubeke nokufaka ingcindezi kumaNgisi, ku-UN kanye nezinye izinhlaka. Asikho isipho amazwe omhlaba abengasinika izwekazi i-Afrika ngenyanga emiselwe ukugubha inkululeko ye-Afrika ebesingedlula lesi.

  • UMnu Senzo Ngubane, uNgoti ozimele kwezocwaningo lokudala ukubuyisana nokuthula ezwenikazi i-Afrika
Scroll To Top