Imiphumela yokhetho eChad iphoselwe inselelo



UMtaka ungumbhali wezindaba zamazwe neMeneja kwi-Igunundu Agency.
Umholi weqembu eliphikisayo eChad, uSuccès Masra, ufake isicelo esisemthethweni emkhandlwini womthethosisekelo wezwe ukuthi aphikise imiphumela yokuqala yokhetho lukamongameli lwangoNhlaba ziyisi-6.
Isigungu sikazwelonke sokuphatha ukhetho ngoLwesine simemezele uMengameli wesikhashana uMahamat Idriss Deby ophumelele ukhetho ngamavoti angama-61.3%, ngokwemiphumela yesikhashana, kwathi u-Masra waphuma isibili ngama-18.53%.
Kodwa-ke, ngaphambi kwesimemezelo esisemthethweni, uMasra, osebenza njengoNdunankulu kaHulumeni Wezinguquko, wathi unqobile, ethi kuhlelwa ukukhwabanisa okhethweni. “Ngosizo lwabameli bethu, … sithumele isicelo eMkhandlwini Womthethosisekelo ukuthi siveze iqiniso lamabhokisi okuvota,” kusho uMasra emibhalweni yenkundla yezokuxhumana uFacebook no-X ngeSonto, enxusa abalandeli bakhe ukuthi behlise umoya.
Ukhiphe ikhophi yerisidi ekhombisa ukuthi amaphepha afakiwe emkhandlwini, isikhulu esiphikisayo esisondelene noMasra sathi ahlanganisa amakhophi amaphepha emiphumela eziteshini zokuvota, itafula elihlanganisa izibalo nama-video okusolakala ukuthi akhombisa ukukhwabaniswa kwamavoti. . “Sibhale yonke into.”
Izinxushunxushu zezombangazwe zidlangile e-Chad, okungeyokuqala ochungechungeni lwamazwe aketulwa umbuso eNtshonalanga naseNkabeni ye-Afrika ukuzama ukubuyela kumthethosisekelo. UDeby wathatha amandla ngoNdasa wezi-2021 lapho amavukelambuso abulala uyise owabusa isikhathi eside, u-Idriss Deby.
Okungenani abantu abayishumi, okuhlanganisa nezingane, bashonile kwathi inqwaba yalimala ngesikhathi abantu bedubula emoyeni ngoLwesihlanu kulandela ukumenyezelwa kwemiphumela, ngokusho kwabezindaba ze-Amnesty International naseChad.
Umnyango wezempilo eChad ukuqinisekisile ukuthi abantu abaningi balimala ngesikhathi kubungazwa ukunqoba kukaDeby, kodwa wacela izintatheli ukuthi zingaqophi noma zibike ngabalimele ngaphakathi ezibhedlela, okuyisinyathelo esigxekwe yizinyunyana zabezindaba zaseChad.