Abakwa-Israeli balindele ukuzwa ukuthi uNdunankulu uBenjamin Netanyahu uzophawula kanjani ekuhlaseleni okuqondile kwe-Iran okokuqala ngqa ezweni labo.
UNobhala Jikelele weNhlangano Yezizwe Ezihlangene ukholelwa ukuthi umhlaba uyakhohlwa ngezwe elisenyakatho-mpumalanga ye-Afrika.
Isiga sangempelasonto sokuhlaselwa kwe-Israel ngentululwane yobuchwepheshe bamadroni nangemicibisholo akugcinnja nje ngokunyakazisa umhlaba kepha kuvuse ubutha obudala…...
IWashington kanye nabalingani bayo bafuna izindlela ezintsha zokuphoqelela unswinyo loMkhandlu Wezokuphepha ngokumelene neNorth Korea.
Izinkulungwane zingene emigwaqweni yenhlokodolobha yaseNiger izolo zifuna kuhambe amasosha ase-USA.
UNobhala-Jikelele weNhlangano Yezizwe u-Antonio Guterres ngeSonto ukhiphe isikhumbuzo sokuthi izenzo zokuphindisela ezibandakanya ukusetshenziswa kwamandla zivinjelwe…...
UMengameli uCyril Ramaphosa uthe iNingizimu Afrika yaqale yaxwayisa ngokuthi uma ingasingathwa ngendlela impi phakathi kuka-Israeli neHamas izokhula ibe yimpi yesifunda.
Umholi waseNorth Korea uKim Jong Un uthe izimo zomhlaba ezingazinzile ezizungeze izwe lakhe zisho ukuthi…...
Amadodana amathathu omholi weHamas u-Ismail Haniyeh abulawe ekuhlaseleni ngezomoya kwa-Israeli eGaza Strip ngoLwesithathu, kusho leli…...
Phezu kokucija kwemikhonto ikhona imizamo yokupholisa ukuze ingaqhumi intabamlilo.
Inkinga yokuthumba enyakatho yeNigeria ilahlekisela amantombazane imfundo njengoba abazali bekhetha ukuphepha kunesikole.
Amasosha akwa-Israel abulale amadodana amathathu omholi weHamas u-Ismail Haniyeh ekuhlaeleni kwezomoya eGaza ngaphandle kokubonisana nabakhuzi…...
U-Israeli awukahlinzeki ngencazelo egculisayo ngokushona kwezisebenzi zosizo eziyisikhombisa ngesonto eledlule, kusho uNdunankulu u-Anthony Albanese.
UMengameli waseRwanda uPaul Kagame ekhuluma nabezindaba eKigali uthe izwe ligxile ekuzithuthukiseni.
Le mpi eqale ngonyaka owedlule mhla ziyisi-7 kuMfumfu ngesikhathi izihonga zabasePalestina iHamas zigasela kwa-Israeli zabulala zaphinda zathumba nabantu.
INkantolo YoMthethosisekelo yase-Uganda inqabile ukusula noma ukumisa umthetho omelene nabathandana nobulili obubodwa.
Isibalo sabantu abalimele ekuzamazameni komhlaba okube yisi-7.4 kwezingakuzamazama empumalanga yeTaiwan senyuke sadlula enkulungwaneni izolo.
UNdunankulu omusha waseSenegal u-Ousmane Sonko ungusopolitiki ovutha engabaselwe.
UNgqongqoshe Wezangaphandle eCanada uMelanie Joly ucele ukuthi kwenziwe uphenyo olugcwele mayelana nokubulawa kwezisebenzi zosizo eGaza
Ilungu leKhabhinethi yezempi yakwa-Israel uBenny Gantz licele ukuthi kube nokhetho lukazwelonke ngoMandulo.
Indawo okuhlala kuyo uNdunankulu waseLibya u-Abdulhamid al-Dbeibah ihlaselwe ngamabhomu ngeSonto esigamekweni esingashiyanga muntu eshonile.
Amaqembu ezepolitiki eMali acele ukuthi kubekwe isikhathi sokhetho lukamengameli ngemuva kokuthi iqembu elibusayo lihlulekile.
Lowo omele iqembu eliphikisayo futhi oseke waboshwa eSenegal, uBassirou Diomaye Faye, ufungisiwe izolo njengoMengameli wesihlanu kuleli lizwe.
Izinhlangano zabokufika cishe ezingama-500 kanye nezinhlangano zamalungelo abantu zisayine incwadi enxusa uHulumeni wase-USA ukuba umise ukubuyiselwa kwabantu emakubo baseHaiti.