Now Reading
I-UN inxusa amaqembu alwayo eSudan abe nezingxoxo zokubekwa kwezikhali phansi
Dark Light

I-UN inxusa amaqembu alwayo eSudan abe nezingxoxo zokubekwa kwezikhali phansi

UNobhala Jikelele weNhlangano Yezizwe (UN) u-Antonio Guterres usenxuse zonke izinhlangothi eSudan ukuthi ziyeke ngokushesha ukulwa futhi ziqale kabusha izingxoxo zokubeka phansi izikhali ngaphandle kokubambezeleka okwengeziwe. Uzwakalise ukukhathazeka okukhulu ngokuqubuka kwezimpi e-El-Fashir, enyakatho neDarfur, osekubeke izakhamuzi eziyizi-800,000 engcupheni.

Esitatimendeni, uGuterres uthe ushaqekile ngemibiko yokusetshenziswa kwezikhali ezinzima ezindaweni ezinabantu abaningi okuholela ekulimaleni kwezakhamizi, ukufuduka okukhulu kanye nokucekelwa phansi kwengqalasizinda yabantu.

Uqhubekele phambili waveza ukuthi izakhamizi zakule ndawo sezivele zibhekane nendlala embi ngenxa yale mpi esithathe unyaka manje. UGuterres ukhumbuze zonke izinhlangothi ngezibopho zazo ngaphansi komthetho wamazwe omhlaba wokusiza abantu ukuvikela izakhamizi futhi wacela ukuthi bavumele izakhamizi ukuthi zithuthele ezindaweni eziphephile.

Uphinde wacela ukuthi zonke izinhlangothi zenze kube lula ukufinyelela kosizo oluphephile, olusheshayo futhi olungavimbeli kuzo zonke izakhamuzi ezidinga usizo e-El Fashir, ngaphesheya kweDarfur naseSudan.

See Also

UGuterres uxwayise ngokuthi ukuqondisa ngamabomu ukuhlasela kubantu kanye nokuvimbela ngamabomu ukusiza abantu abaswele, kungase kube ubugebengu bezempi.

Scroll To Top