I-USA isabisa ngokufinyeza isandla kolwezikhali ku-Israeli
UMtaka ungumbhali wezindaba zamazwe neMeneja kwi-Igunundu Agency.
UMengameli wase-USA uJoe Biden wafunga okokuqala esidlangalaleni ukuthi uzogodla izikhali ezithunyelwa kwa-Israeli uma amasosha ayo ehlasela kakhulu iRafah eningizimu yeGaza kanti izingxoxo eCairo zohlelo lokumisa udlame kule ndawo bezizoqhubeka ngoLwesine.
“Ngikubeke kwacaca ukuthi uma bengena eRafah …, angeke ngibahlinzeki ngezikhali,” uBiden, nohulumeni wakhe sebecele kaningi u-Israeli ngohlelo lwayo lokuvikela izakhamizi eRafah, kusho ngoLwesithathu engxoxweni neCNN.
UBiden uvumile ukuthi amabhomu ase-USA anikezwe i-Israeli abulale izakhamizi zaseGaza ekuhlaseleni osekuthathe izinyanga eziyisikhombisa okuhloswe ngakho ukuqothula iHamas.
Ukuphawula kukaBiden, okumangaze kakhulu kuze kube manje, kwenyusa ingcindezi ku-Israeli ukuthi ayeke ukuhlasela ngokuphelele eRafah, lapho amakhulu ezinkulungwane zabantu basePalestine aphephele khona ngemuva kokubalekela impi enyakatho eGaza.
Akukho ukuphawula okuvele kwa-Israeli ngokushesha mayelana nenkulumo kaBiden, kodwa uNdunankulu wakwa-Israeli uBenjamin Netanyahu uthe umsebenzi wokuhlasela eRafah uzoqhubeka. U-Israel uthi kumele ugadle eRafah ukuze inqobe izinkulungwane zamasosha eHamas athi akhona.
Khonamanjalo, u-Israeli uqhubekile nokuhlasela kwezomoya eningizimu yeGaza ngemuva kokungena emngceleni weRafah ne-Egypt ngoLwesibili, yanqamula umzila wosizo olubalulekile.
UBiden ubengaphansi kwengcindezi evela kwamanye amaDemocrats kanye nemibhikisho ekhulayo yakwaNgqondonkulu yokuvimba u-Israyeli ekuhlaseleni iRafah. Ukweseka kwakhe u-Israel sekuphenduke icala lezepolitiki njengoba umengameli engenela ukhetho kabusha.
I-United States ingumphakeli omkhulu kakhulu wezikhali kwa-Israyeli, futhi yasheshisa ukuthunyelwa kwezikhali ngemva kokuhlasela kweHamas kwangonyaka odlule okwabangela ukuhlasela kuka-Israeli eGaza. UBiden uthe izikhali zase-US zokuvikela u-Israyeli, njengohlelo lwayo lwe-Iron Dome anti-missile, zizoqhubeka.
Izikhulu zase-USA zikuqinisekisile ngoLwesithathu ukuthi iWashington imise kancane ukulethwa kwamabhomu kwa-Israeli ngenxa yengozi kubantu baseGaza. Inxusa lakwa-Israel le-UN, uGilad Erdan, ubize leso sinqumo “Ngesidumaza kakhulu” kodwa wathi akakholelwa ukuthi i-US izoyeka ukunikeza u-Israeli izikhali.