Now Reading
Akubanga namthelela ukuphindisela kuka-Israeli e-Iran
Dark Light

Akubanga namthelela ukuphindisela kuka-Israeli e-Iran

Kuzwakale ukuqhuma okuthathu enyakatho mpumalanga maphakathi nesifundazwe sase-Isfahan, Iran kusho abezindaba zeFars khona e-Iran namuhla. 

Ngokusho kukaFars, lokhu kuqhuma kuzwakale edolobheni laseQahjavarestan, eduze kwase-Isfahan’s International Airport kanye nesizinda samasosha ase-Iranian air force.

Inkampani yezindaba yase-Iran esemthethweni i-IRNA, icaphuna i-Iran Airports and Air Navigation Company, ibike ukuthi zonke izindiza ezikhumulweni zezindiza emadolobheni amaningana ase-Iran, okuhlanganisa iTehran, Isfahan neShiraz, zimisiwe ngenxa yezizathu zokuphepha.

I-IRNA yengeze ngokuthi i-Iran ivule uhlelo lwayo lokuvikela umoya emadolobheni ambalwa. 

Izikhulu zase-USA zikuqinisekisile ukuthi i-Israel ixwayise i-USA ngoLwesine ukuthi bazohlasela ngezimoya emahoreni angama-24 kuye kwangama-48 alandelayo. 

See Also

Ngabe lokhu kuhlasela kwe-Israel sekuwukunqaba ukuvuma induku ngengoba ngokusho kweCNN, ama-Israyeli aqinisekise ozakwabo base-USA ukuthi izikhungo zenuzi zase-Iran ngeke zithinteke.

Kuzokhumbuleka ukuthi uMengameli wase-USA uJoe Biden watshela uNdunankulu uNetanyahu ukuthi i-USA, esiza u-Israeli ukubhekana nokuhlasela kwe-Iran, ngeke ibambe iqhaza ekuziphindiseleni kwa-Israeli.

Scroll To Top