Now Reading
I-Ukraine ihlasele kwafa abali-15 ngokusho kweRussia
Dark Light

I-Ukraine ihlasele kwafa abali-15 ngokusho kweRussia

Kushone abantu abali-15 kwalimala abangama-20 ngeSonto ngesikhathi kuwa ingxenye yefulethi laseRussia ngemuva kokushaywa yizicucu zezikhali ezicitshwayo zesikhathi saseSoviet, ebeziphuma e-Ukraine zadutshulwa yiRussia, kusho izikhulu zaseRussia.

Kokunye ukuhlasela okubulala kakhulu kuze kube manje esifundeni saseBelgorod, i-Ukraine yethula lokho izikhulu zaseRussia ezithe kwakuwukuhlasela okukhulu kwemicibisholo, okuhlanganisa imicibisholo yeTochka kanye ne-Adler kanye neRM-70 Vampire (MLRS).

Izithombe ezithathwe endaweni yesigameko zikhombise okungenani izitezi eziyishumi zebhilidi ziwa. Kamuva, njengoba abezimo eziphuthumayo bekhuculula imfucumfucu bebheka abasindile, uphahla lwabhidlika futhi abantu babaleka besindisa impilo yabo, kuwa uthuli nemfucumfucu ngemuva kwabo.

UMnyango Wezokuvikela eRussia uthe lokhu kuhlasela, okubize ngokuthi “ukuhlasela kwamaphekula ezindaweni zokuhlala”, kwenzeke ngamahora asekuseni futhi kubandakanye okungenani imicibisholo eli-12.

See Also

“Izicucu zomunye wemicibisholo yeTochka-U ewile zicekele phansi isakhiwo esisedolobheni laseBelgorod,” kusho uMnyango.

UMnyango wezimo eziphuthumayo eRussia uthe ekuseni abantu abali-15 bashonile. Izikhungo zezindaba zaseRussia zithe kulimale abantu abangama-20 kanti okungenani ingane eyodwa iphakathi kwabalahlekile. Kwakhala inhlabamkhosi ngesikhathi abezimo eziphuthumayo bepequlula imfucumfucu.

Scroll To Top