ITunisia isibophe isishoshovu samalungelo abafuduki
UMtaka ungumbhali wezindaba zamazwe neMeneja kwi-Igunundu Agency.
Umshushisi womphakathi waseTunisia ngoLwesibili ubophe uSaadia Mosbah, isishoshovu esidumile futhi esiyinhloko yenhlangano engekho ngaphansi kukahulumeni evikela amalungelo abokufika, kusho izinhlangano ezilwela amalungelo abantu, ngemuva kwamahora ambalwa uMengameli uKais Saied esole amaqembu athile avikela abokufika baseSub-Sahara ngokuvukela umbuso.
ITunisia ibhekene nenkinga enkulu yokufuduka kwabantu ngenxa yokuthutheleka kwabantu baseSub-Saharan Africa abafuna ukufudukela eYurophu ngezikebhe. Abezindaba bendawo babike ukuthi amaphoyisa aqale ukuphenya uMosbah, iqembu lakhe elilwa nokucwasa futhi livikela amalungelo abokufika, ngezinsolo zobugebengu bezezimali.
Izakhamizi zasedolobheni eliseningizimu i-El Amra zikhombise ukuvuna ukuxoshwa kwabantu bokufika ngempelasonto edlule, zathi isimo asibekezeleleki.
USaied uthe ngesikhathi kuqhubeka umhlangano weNational Security Council ngoMsombuluko ukuthi lesi simo sabokufika siphakamise imibuzo ngokuthi ubani ngempela oyisisusa saso. “Lesi simo asikwazi ukuqhubeka futhi iTunisia ngeke ibe yindawo okuhlaliswa kuyo abokufika,” kubeka uSaied.
Wengeze ngokuthi izikhulu eziningi eziphethe izinhlangano zomphakathi ezivikela amalungelo abafuduki “zazingamambuka” athola imali evela phesheya. Abezindaba bendawo bathi ngemuva kwenkulumo kaSaied, abezobulungiswa baqala ukuphenya amaqembu athile asiza abokufika ngendlela abagxeki abathi ihlose ukubathulisa.
Ngonyaka odlule, uSaied wathi ukufika kwezinkulungwane zabafuduki ngokungemthetho abavela emazweni ase-Sub-Saharan Africa “Kuyitulo lokushintsha isimo sezwe,” okwenza i-African Union igxeke lokho ekubiza ngokuthi “inkulumo enenzondo” yaseTunisia ngokumelene nabokufika.
ITunisia ithathe indawo yeLibya njengezwe elihamba phambili kwisifunda yabantu ababalekela ubumpofu nezingxabano e-Afrika naseMiddle East ngethemba lempilo engcono e-Europe.