I-Italy ifuna u-Israeli amise ukusebenza kwamasosha eGaza
UMtaka ungumbhali wezindaba zamazwe neMeneja kwi-Igunundu Agency.
UNgqongqoshe Wezangaphandle wase-Italy u-Antonio Tajani usephakamise ukuthi u-Israeli imise ukusebenza kwezempi eGaza, waphinda wathi sekuyisikhathi sokuthi kumiswe udlame endaweni yasePalestine.
I-Italy iqale yeseka isenzo sika-Israeli kulandela ukuhlasela kukaMfumfu ziyisi-7 kweHamas ezindaweni zayo (Israeli) eziseningizimu kodwa muva nje sekwehlile ukwesekwa kwayo ngenxa yokufa kwabantu abayizinkulungwane.
Engxoxweni abe nayo nephephandaba lansuku zonke iLa Stampa, uTajani ugcizelele ukuthi impi yaseGaza yabangelwa ukuhlasela “kobuqaba” kweHamas. Wabe esenezela: “Nokho, manje sekudingekile ukuba kumiswe ukulwa. U-Israeli kumele imise ukusebenza kwezempi okuthinte kakhulu abantu basePalestine. “
Le ngxoxo yenziwe ngaphambi komhlangano wongqongqoshe bamazwe angaphandle beGroup of Seven (G7) ezosingathwa nguTajani esiqhingini sase-Italy iCapri. I-Italy ibambe isikhundla sikamongameli weG7.