Oshayasibhamu badlulisa umyalezo kuHulumeni ngemindeni yabathunjwa
UMtaka ungumbhali wezindaba zamazwe neMeneja kwi-Igunundu Agency.
Oshayasibhamu abathumbe abantu abayi-105 enyakatho ntshonalanga yeNigeria ngesonto eledlule kuvela ukuthi abafuni ukukhokhelwa imali yesihlengo kodwa bafuna ukuxoxisana noHulumeni wesifunda iZamfara, kusho imindeni emihlanu yezisulu ethintwe yilaba oshayasbhamu ngoMsombuluko.
Amaqembu ezigebengu ahlomile asaqhubeka nokuhlukumeza abantu enyakatho yeNigeria, ethumba izakhamuzi, abafundi nabashayeli bezimoto ukuze kukhokhwe imali yesihlengo. Oshayasibhamu bahlasele izigodi eGora, eMadomawa naseJambuzu endaweni yaseZamfara eBirnin-Magaji ngoLwesihlanu ebusuku, bashaqa inqwaba yezakhamizi.
Umnu uBello Mohammed, unkosikazi wakhe, izingane ezintathu kanye nomfowabo omncane bebephakathi kwabathathwe eGora, uthe uthole ucingo ngoMgqibelo ebusuku oluvela kubantu abathi yibona abenze lesi sigameko.
“Abadingi sihlengo esivela kithi, kodwa bathi uma sidinga abathandekayo bethu babuye, bangicela mina nabanye abantu ukuthi sihambise umyalezo kuMbusi Wesifunda. UHulumeni kufanele afinyelele kubo ukuze kuxoxiswane,” utshele abeReuters ngocingo.
Abathumbi abazange basho uhlobo lwezingxoxo abazifunayo kodwa imindeni eminingi itshele abeReuters ukuthi izitholile izingcingo ezivela koshayasibhamu.
Amadodakazi amane kamnu uWadatau Adamu athunjwa, ngokusho kwakhe, wengeza ngokuthi ukuhlasela koshayasibhamu kwenzeka kaningi ezindaweni ezisemaphandleni nasezindaweni ezikude njengeGora, kukhona abezokuphepha abambalwa noma bangabingekho nhlobo. “Umyalezo wabo sesiwudlulisile kubaholi bethu. Sibheke ngabomvu noma yisiphi isinqumo esizothathwa,” kuphetha uMnu u-Adamu.