Iyahoxa i-USA eNiger



UMtaka ungumbhali wezindaba zamazwe neMeneja kwi-Igunundu Agency.
IJunta ehola iNiger yacela i-USA ukuthi ihoxise amasosha ezweni ngenxa yokungaboni ngaso linye neWashington ezindabeni ezihlanganisa nenqubekelaphambili ekuguqukeleni kwezwe ekubuseni ngentando yeningi, kusho isikhulu sase-USA izolo.
I-United States ithe seziqalile izingxoxo mayelana nokuhoxiswa kwamasosha eNiger, okwaze kwaba yilapho kuketulwa umbuso ngonyaka odlule lelizwe belingumlingani obalulekile weWashington ekulweni nabashokobezi ababulale izinkulungwane zabantu futhi kwaduka izigidi zabantu.
“Ngicabanga ukuthi bacele ukuthi sihoxe ngoba bebengazimisele ukwanelisa izikhalo ebesinazo,” kusho lesi sikhulu esingathandanga kudalulwe igama laso.
“Besinokukhathazeka ngokuntuleka komnyakazo ekumemezeleni inguquko ekubuseni kwentando yeningi, futhi besinokukhathazeka ngozakwethu bangaphandle abebefuna ukusebenzisana nabo.”
Umthombo olwazi kahle lolu daba ngeledlule uthe iPhini likaNobhala Wezwe wase-USA uKurt Campbell kanye nobuholi baseNiger bavumelana ngokuthi iMelika izokhipha amasosha ayo ezweni. Bekunamasosha ase-USA angaphezulu kancane kwe-1 000 eNiger kusukela ngonyaka odlule. Amasosha ase-USA abekade eqeqesha amasosha endawo ukuze alwe namaqembu ezidlamlilo.