Now Reading
Inkantolo igwebe intatheli izinyanga eziyisithupha eTunisia
Dark Light

Inkantolo igwebe intatheli izinyanga eziyisithupha eTunisia

Inkantolo yaseTunisia izolo igwebe intatheli edumile uMohamed Boughalleb, umgxeki omkhulu kaMengameli uKais Saied, izinyanga eziyisithupha ejele ngamacala okuhlambalaza isikhulu sikahulumeni, kusho ummeli wakhe etshela abeReuters.

“Kuwusuku olumnyama kwezobulungiswa nenkululeko yabezindaba. Kungumyalezo ezintathelini: Thula noma indawo yakho isejele, ”kusho uJamal Eddine Boughalleb, ongumfowabo kaMohamed.

UBoughalab waboshwa ngenyanga edlule, inyunyana yezintatheli yathi kuhloswe ngaye ukuthulisa izintatheli. Ukuboshwa kukaBoughalleb kuqinisa ukwesaba kwezishoshovu zokuthi iziphathimandla ziya ngokuya zikhawulela inkululeko ngaphambi kokhetho lukamongameli olulindeleke kulo nyaka.

USaied wathatha amandla engeziwe ngowezi-2021 lapho evala iphalamende elikhethiwe futhi wathatha isinqumo sokubusa ngesandla esiqinile ngaphambi kokuthatha igunya phezu kwezobulungiswa. Kusukela ngoguquko lwaseTunisia lwangowezi-2011, inkululeko yabezindaba ibe yinzuzo enkulu kubantu baseTunisia futhi abezindaba bayo sebengesinye sezindawo ezivuleleke kakhulu kunoma yiliphi izwe lama-Arab.

See Also

Kodwa-ke, osopolitiki, izintatheli nezinyunyana bathi inkululeko yabezindaba manje ibhekene nosongo olukhulu ngaphansi kokubusa kukaSaied. UMengameli owangena embusweni ngowezi-2019 ngokhetho olukhululekile, ukuchithile izinsolo ezinjengalezi, wathi ngeke abe ngundlovukayiphikiswa.

Ezinye izintatheli ezimbili – uShatha Al-Hajj Mubarak noLotfi Al-Hidouri – zisejele, kanti ezinye izintatheli nezishoshovu zibhekene nophenyo ngenxa yemibhalo ezinkundleni zokuxhumana noma ukugxeka kwazo kweziphathimandla kwabezindaba.

Scroll To Top