Now Reading
I-African Union ibuthaka kakhulu: uMbeki
Dark Light

I-African Union ibuthaka kakhulu: uMbeki

OwayenguMengameli uMnu Thabo Mbeki uthi i-African Union (AU) ibuthaka futhi ayikwazi ukubhekana nezinselelo ezikhona ezwenikazi. UMbeki ubekhuluma engqungqutheleni yakamuva yokuthula nokuvikeleka ezwenikazi.

Amazwe amaningi abhekene nokuntenga kozinzo ngenxa yezingxabano ezifana neziseDemocratic Republic of the Congo (DRC) naseSudan. Muva nje iNtshonalanga Afrika ike yaba nokuketulwa kwembuso okuholela ekufeni nasekuxoshweni kwezigidi zezakhamuzi.

UMbeki uthe umsebenzi we-AU kumele uhlolwe. “NgoNhlolanja  wonyaka ozayo i-AU izokhetha ikhomishini entsha futhi kunesinqumo sokuthi lokhu kumele kujikelezwe ezifundeni. Ngakho isifunda sokuqala yiMpumalanga Afrika. Ngakho-ke i-East Africa kumele iveze umuntu ozongenela lesi sikhundla futhi iKenya ithe uRaila Odinga nguyena ozongenela ukhetho. Kunobunzima kwiKhomishini ye-AU. Manje umuzwa wami ukuthi empeleni inhlangano iyafa… Thatha ingxabano eSudan, iphi i-AU?”

Scroll To Top