Now Reading
IPhalamende laseTogo ligunyaze ukuguqulwa koMthethosisekelo
Dark Light

IPhalamende laseTogo ligunyaze ukuguqulwa koMthethosisekelo

Abenzimthetho eTogo bagunyaze izinguquko kuMthethosisekelo wayo oxhumene nemikhawulo yamahlandla kaMengameli kanye nendlela okukhethwa ngayo omengameli, okuyinto abanye osopolitiki abaphikisayo kanye nezinhlangano zomphakathi ezikugxeke njengokuketula umbuso.

IPhalamende laphasisa lezi zichibiyelo ngevoti ngoNdasa, kodwa kwahlelwa ukuthi kube nokubonisana okwengeziwe kanye nevoti lesibili lePhalamende, nokhetho lwezomthetho lwahlehliswa ngenxa yokugxeka okunamandla kwalezichibiyelo.

Labo abaphikisana nezinguquko besaba ukuthi izichibiyelo zingavumela ukwelulwa kokubusa kukaMongameli uFaure Gnassingbe kweminyaka eli-19 kanye nokubamba amandla komndeni wakhe. Uyise kanye nomanduleli wakhe uGnassingbe Eyadema wathatha izintambo kulelizwe elisogwini oluseNtshonalanga Afrika ngokuketula umbuso ngowe-1967.

Evotini lesibili, abenzi bomthetho bagunyaze ngazwilinye izichibiyelo ezinweba amahlandla kamongameli ngeminyaka eyisithupha ukusuka kwemihlanu, kuyilapho kunqunywa inani lamahlandla elilodwa. Ngaphansi komqulu ochitshiyelwe, owethula uhlelo lokubusa ephalamende, umongameli ngeke esaqokwa ngokuvotelwa yizakhamuzi, kodwa amalungu ePhalamende.

Futhi lezichibiyelo azisibali  isikhathi asevele esihlalile ehhovisi uGnassingbe okungamenza, aqhubeke ahole lelizwe kuze kube ngowezi-2031 uma ephinda eqokwa ngowezi-2025, okuyisimo okungenzeka senzeke njengoba iqembu lakhe kuyilo elilawula iPhalamende.

Lezi zichibiyelo zifana “nomklamo wokuphuca amandla umbuso ophikisana ngokuhlelekile nanoma yiluphi uhlobo loshintsho lwentando yeningi,” kusho iqembu lezinhlangano zomphakathi ezili-17 esitatimendeni esihlanganyelwe kuleli sonto.

See Also

Lezi zinhlangano zicele inhlangano enkulu yezepolitiki nezomnotho yaseNtshonalanga Afrika i-ECOWAS ukuthi ithathele izinyathelo lezi zichibiyelo.

Amanye amazwe amaningi ase-Afrika, okuhlanganisa iCentral African Republic, iRwanda, iCongo Republic, i-Ivory Coast kanye neGuinea, aqhubekile nezinguquko zomthethosisekelo kanye nezinye zezomthetho eminyakeni yamuva ezivumela omongameli ukuthi belule isikhathi sabo sokubusa.

Isifunda saseNtshonalanga ne-Afrika Emaphakathi siphinde sabona ukuketulwa kwemibuso ngamasosha okuyisishiyagalombili eminyakeni emithathu edlule.  Isandla esiqinile samaphoyisa ukubhekana nemibhikisho yezombusazwe bekuyinsakavukela ngaphansi kukaGnassingbe, njengoba kwenzeka ngesikhathi sokubusa kukayise isikhathi eside.

Scroll To Top