UMengameli waseKenya uWilliam Ruto uwuchithile futhi wawuhoxisa uMthethosivivinywa wezezimali ohlongozwayo.
I-United Nations Relief and Works Agency for Palestine Refugees (UNRWA) imangalelwe eNkantolo Yesifunda YaseNew York ngabakwa-Israeli ababesola le-Ejensi ngokusiza nokuvikela ukuhlasela kweHamas kwa-Israeli ngoMfumfu nyakenye.
UMengameli waseKenya, uWilliam Ruto, izolo uthe ezokuphepha "yinto eza kuqala kuye" ngemuva kwemibhikisho ephikisana noMthethosivivinywa wokukhushulwa kwentela osuphenduke udlame, nalapho amaphoyisa edubula ababhikishi abebezama ukugasela eSishayamthetho, kwashona okungenani abahlanu.
Umholi waseNorth Korea uKim Jong Un wamukele uVladimir Putin waseRussia lapho efika esikhumulweni sezindiza sasePyongyang, futhi laba baholi ababili babelana “ngemicabango yabo ejulile” futhi bavuma ukuthuthukisa ubudlelwano bamazwe abo, kusho abezindaba zezwe saseNorth Korea.
UNdunankulu wakwa-Israel uBenjamin Netanyahu usehlakaze iKhabhinethi yempi enamalungu ayisithupha.
Umbiko omusha we-United Nations (UN) uthi ngowezi-2023, udlame olubhekiswe ezinganeni ezimpini lwafinyelela emazingeni adlulele ngokwenyuka okushaqisayo kwama-21%.
UMengameli waseMalawi uLazarus Chakwera usememezele isikhathi sokuzila sezinsuku ezingama-21 kulandela ukushona kwePhini likaMengameli wezwe uDkt Saulos Chilima.
INkantolo yoMthethosisekelo yaseThailand ngoLwesithathu (izolo) imemezele ukuthi izolalela icala ngoNhlangulana zili-18 elingase liholele ekuxoshweni kukaNdunankulu uSrettha Thavisin elihlobene nokuqokwa kweKhabhinethi okusolwa ukuthi kwephule umthethosisekelo.
UMshushisi Omkhulu we-International Criminal Court (ICC) uphenya ngokuphuthumayo izinsolo zobugebengu bezempi kanye nobugebengu obubhekiswe kubantu e-al-Fashir eSudan.
I-Afrika izoqhubeka nokuzikhulisa ukuze ikwazi ukukhiqiza imithi yokugoma. I-Egypt ihamba phambili ngokuba ngelinye lamazwe abambe iqhaza ekwenziweni kwemithi.
UNobhala Wezwe wase-USA u-Antony Blinken ufike kwa-Israel ngoMsombuluko (izolo) ngaphambi kwezingxoxo mayelana nesivumelwano sokumisa impi eGaza noNdunankulu wakwa-Israeli uBenjamin Netanyahu kanye noNgqongqoshe Wezokuvikela uYoav Gallant.
Emuva kwamahora angama-25 kuthungathwa indiza ebithwele iSekela likaMengameli eMalawi nabanye abagibeli, izolo ekuseni igcine itholakele lapho iphahlazeke khona.
Abantu baseMalawi basahlalele ethembeni lokuthi izotholakala indiza eduke emoyeni kukhona kuyo abantu abayisi-9 neSekela likaMengameli lakuleliya lizwe uMnu uSaulos Chilima.
ISomalia iqokwe ukuthi isebenze kuwo uMkhandlu Wezokuphepha Wezizwe Ezihlangene (UNSC) njengelungu elingelona elangunaphakade iminyaka emibili.
Abamangalelwa abangaphezu kwama-50, okuhlanganisa abayisithupha abanobuzwe base-USA, eBritain, eCanada naseBelgium, bavele enkantolo yaseDRC ngoLwesihlanu bebhekene namacala okuba nengxenye ekuketulweni kombuso okubhuntshile namanye amacala anesigwebo sentambo.
I-Israel ihlasele esikoleni saseGaza ngoLwesine nalapho yathi kunesizinda seHamas, kwashona abalwi ababandakanyeka esigamekweni sangoMfumfu ziyisi-7, ngonyaka odlule esasusa impi yezinyanga eziyisishiyagalombili.
Owake waba nguMongameli uDonald Trump uthe "ulungile" ngokudonsa ejele noma ukuboshelwa endlini kulandela ukugwetshwa kwakhe ngamacala angama-34 okusenga ezimithiyo ngamarekhodi ebhizinisi.
IHhovisi likaMengameli waseNingizimu Afrika lizwakalise esitatimendeni ukukhathazeka okujulile mayelana nengxabano yezikhali eqhubekayo eSudan, ebangele ukulahleka okukhulu kwempilo yabantu.
ULai Ching-te ungene esikhundleni njengoMengameli omusha waseTaiwan ngoMsombuluko.
UMholi Ophakeme wase-Iran u-Ali Khamenei uqinisekise iPhini Lokuqala likaMengameli uMohammad Mokhber njengenhloko yesikhashana yeSigungu Esiphezulu Sezwe ngoMsombuluko kulandela ukushona kukaMengameli u-Ebrahim Raisi engozini yendiza enophephela emhlane.
U-Israel uqale umkhankaso omusha enkabeni yeGaza ngoMsombuluko, wahlasela amadolobha asenyakatho wathi uhlose ukwandisa ukusebenza kwayo kwezempi eRafah.
UNobhala Wezwe i-USA u-Antony Blinken utshele iKomidi Lezobudlelwano Nangaphandle KweSinethi ukuthi uzimisele ukusebenza ngempendulo efanele esinqumweni sikaMshushisi WeNkantolo Yamazwe Ngamazwe Yokucela izincwadi zokuboshwa kukaNdunankulu noNgqongqoshe Wezokuvikela wakwa-Israyeli.
I-Ireland izothatha iPalestine njengezwe elizimele lokhu kushiwo uNdunankulu uSimon Harris ngoLwesithathu.
UMengameli uCyril Ramaphosa udlulise ukudabuka okukhulu mayelana nenhlekelele edlule nemiphefumulo kaMengameli wase-Iran u-Ayatollah Ebrahim Raisi, uNgqongqoshe Wezangaphandle uHossein Amir-Abdollahian kanye nezisebenzi zakhona e-Iran.