Ababhikishi eTunisia bafuna usuku lokhetho olunobulungiswa
UMtaka ungumbhali wezindaba zamazwe neMeneja kwi-Igunundu Agency.
Amakhulu ababhikishi ahlangane enhlokodolobha yaseTunisia ngeSonto efuna kukhululwe izintatheli eziboshiwe, izishoshovu kanye nezikhulu zamaqembu aphikisayo, kanye nokunqunywa kosuku lokhetho lukamengameli olunobulungiswa.
Umbhikisho uze phakathi kwezinkinga zezomnotho nezepolitiki kanye negagasi lokuboshwa okubhekiswe ezintathelini, abameli, izishoshovu kanye nabaphikisana noHulumeni.
Amaphoyisa aseTunisia agasele ebhilidini leDeanship of Lawyers ngoMgqibelo abopha uSonia Dahmani, ummeli owaziwa ngokugxeka uMengameli uKais Saied. Izintatheli ezimbili nazo zaboshwa ngosuku olulodwa.
IKhomishini Yokhetho phambilini yathi ukhetho luzobanjwa ngesikhathi, kodwa njengoba ihlandla lokuqala likamengameli, elithatha iminyaka emihlanu, seliyophela, alikalumemezeli usuku.
USaied uthathe izintambo kulandela ukhetho lwangowezi-2019, kodwa eminyakeni emibili kamuva wathatha amandla engeziwe lapho evala iphalamende elikhethiwe futhi wathatha isinqumo sokubusa ngesandla esiqinile. Uphinde wathatha igunya phezu kwezomthetho, isinyathelo abaphikisana naye abasibize ngokuketula umbuso.
USaied usekugxeke kaningi lokhu akuchaze njengotabalasa kwamaqembu aphikisayo efuna isikhundla sakhe, wathi badube umzuliswano wokugcina wokhetho lwasePhalamende ngesikhathi begxile okhethweni lukamengameli.
Amaqembu aphikisayo athe isimo sezombangazwe asifanele okwamanje ukuba kubanjwe ukhetho njengoba abezindaba besaphekwa ngebhodwe elincane kanye nokuboshwa kwabaphikisana nabavelele kanye nezishoshovu kusaqhubeka. Bacele ngeSonto ukuthi kube nesimo sezepolitiki esihlanzekile ukuze kube nokuvota okubandakanya ukuphela kwemikhawulo yenkululeko yabezindaba kanye nenkululeko yezepolitiki.