Now Reading
IHamas ikhiphe ividiyo yothunjiwe eyingini
Dark Light

IHamas ikhiphe ividiyo yothunjiwe eyingini

IHamas ishicilele ividiyo ngoLwesithathu ekhombisa uHersh Goldberg-Polin, umIsrayeli wase-USA owathunjwa ngesikhathi leli qembu lihlasela u-Israeli ziyisi-7 kuMfumfu.

Ividiyo emfushane, engenalo usuku, ikhombise umfana oneminyaka engama-23 ubudala engenayo ingalo, eyalimala  ngesikhathi sokuhlasela okuholwa yiHamas ngoMfumfu, kodwa ebonakala ephile saka.

Unina u-Rachel Goldberg-Polin ubekhankasela ukukhululwa kwendodana yakhe, eyathunjwa emcimbini womculo iNova eyahlaselwa oshayasibhamu beHamas ngasekuqaleni kukaMfumfu futhi ingomunye wabathunjwa base-Israel abali-133 abasagcinwe yiHamas ngemuva kokuba abangaphezu kwe-100 badedelwa ngonyaka odlule.

Babalelwa ema-250 abakwa-Israeli kanye nabokufika abathunjwa oshayasibhamu, ababulala abantu ababalelwa e-1 200, ngokwezibalo zakwa-Israeli, ekuhlaselweni okubulala kakhulu emlandweni wakwa-Israyeli. Ephendula, u-Israel waqala ukuhlasela eGaza, ethembisa ukucekela phansi iHamas nokuletha abathunjwa ekhaya.

See Also

Ukugadla kuka-Israeli kuze kube manje sekubulale abantu basePalestine abangaphezu kwezi-34 000, ngokusho kweziphathimandla zezempilo eGaza.

Scroll To Top