Now Reading
UTrump uthi ‘ULUNGILE’ ngesikhathi okungenzeka asihlale ejele
Dark Light

UTrump uthi ‘ULUNGILE’ ngesikhathi okungenzeka asihlale ejele

Owake waba nguMongameli uDonald Trump uthe “ulungile” ngokudonsa ejele noma ukuboshelwa endlini kulandela ukugwetshwa kwakhe ngamacala angama-34 okusenga ezimithiyo ngamarekhodi ebhizinisi.

Engxoxweni esakazwe ngeSonto kuFox News, uTrump uphendule imibuzo mayelana nezijeziso ezingaba khona, wathi, “akanankinga nakho.”

UTrump uphinde wabeka kabanzi, ephakamisa ukuthi ukuboshwa kwakhe kungadala ukuthukuthela kulabo abamesekayo “Ngicabanga ukuthi kuzoba nzima ukuthi umphakathi ukuthathe kalula lokhu, kuzofika lapho bathukuthela khona,”kusho yena. 

IJaji uJuan Merchan laseNew York ligwebe uDonald Trump ngamacala angama-34 okukhohlisa amarekhodi ebhizinisi, u-Trump ubhekene nokuthi angase agwetshwe ejele noma avivinywe ngamacala akhe okukhokha imali buthule ekulungiseleleni ukhetho lukamongameli lwango-2016.

IJaji uMerchan uthe isigwebo sika-Trump sizophuma ngo-10 ekuseni ngokwesikhathi saseMika ngomhla ziyi-11 kuNtulikazi. U-Merchan angagweba u-Trump ukuthi abhadle ejele okungafinyelela eminyakeni engaphansi kwengama -20.

Okwamanje, lowo owayengumengameli akakazukuya ejele njengoba elindele ukugwetshwa kwakhe. Abashushisi abazange bacele ukuthi uTrump athumele ibhondi.

See Also

Umbuzo omkhulu uthi njengoba u-Trump kungenzeka abe yibhantinti, usengakwazi yini ukuqhubeka angenelele ukhetho lwalonyaka njengokwezinhlelo zakhe? Ngamafuphi, yebo. 

Umthethosisekelo wase-Melika ubeka izimfuneko ezintathu kuphela zalabo abangenele ukhetho lobumongameli. Kumele ube isakhamuzi esizalwa ngokwemvelo,  ube neminyaka engama-35 nangaphezulu ubudala, ube ngumhlali wase wakhona okungenani iminyaka eyi-14. Noma ngabe uboshiwe, inqobo uma uhambisana nalemigomo.

Ngenxa yokuthi uTrunp wayengumongameli, uzoqhubeka nokuthola isivikelo seSecret Service yaseMelika impilo yakhe yonke kungakhathaliseki ukuthi ulahlwe yiliphi icala.

Scroll To Top