Now Reading
Ihlehlile Inqama: URuto uhoxise umthethosivivinywa wezezimali
Dark Light

Ihlehlile Inqama: URuto uhoxise umthethosivivinywa wezezimali

UMengameli waseKenya uWilliam Ruto uwuchithile futhi wawuhoxisa uMthethosivivinywa wezezimali ohlongozwayo. Imibhikisho ephikisana noMthethosivivinywa wentela oyimpikiswano iqale ngesonto eledlule. Kusuke udlame izolo ngesikhathi amaphoyisa evulela ngenhlamvu kubabhikishi abebezama ukugasela ephalamende. Okungenani ababhikishi abahlanu bashonile kwathi inqwaba yalimala.

URuto ubekhuluma ngaphandle kwePhalamende eNairobi lapho ememezele khona ezinye izinhlelo zokonga. “Ngiqondise ukuthi kube nezinye izindlela ezisheshayo zokunciphisa ukusetshenziswa kwemali kusukela ehhovisi likaMengameli. iHhovisi likaMongameli lonke futhi lidlulele kulo lonke uphiko oluphethe lukaHulumeni.”

Phambilini, i-African Union (AU) inxuse ababambiqhaza eKenya ukuthi basebenzise izindlela ezinokuthula zokubhekana nokungaboni ngaso linye okukhona phakathi kwezakhamizi kanye nabenzi bomthetho.

Abantu baseKenya bangena emigwaqweni bebhikishela umthethosivivinywa wezezimali onezingxabano ozoholela ekunyusweni kwentela.

See Also

USihlalo weKhomishana ye-AU uMoussa Faki Mahamat usenxuse abantu baseKenya kanye nabanye ababambiqhaza ukuthi babambe iqhaza ezingxoxweni ezakhayo ukuze kubhekwane nezinkinga zabo eziqubule imibhikisho kulelo zwe.

Scroll To Top