Kuhlangane imhlathi eyazanayo kuPutin noKim



UMtaka ungumbhali wezindaba zamazwe neMeneja kwi-Igunundu Agency.
Umholi waseNorth Korea uKim Jong Un wamukele uVladimir Putin waseRussia lapho efika esikhumulweni sezindiza sasePyongyang, futhi laba baholi ababili babelana “ngemicabango yabo ejulile” futhi bavuma ukuthuthukisa ubudlelwano bamazwe abo, kusho abezindaba zezwe saseNorth Korea.
UPutin, ofike ngaphambi kokuthi kuse(before dawn), usohambweni lwakhe lokuqala lokuya enhlokodolobha yaseNorth Korea eminyakeni engama-24, ukuvakasha okungenzeka ukuthi kuguqule amashumi eminyaka obudlelwano beRussia-North Korea ngesikhathi lapho womabili la mazwe ebhekene nokuhlukaniswa namanye amazwe.
Ubambiswano lwala mazwe “luyinjini yokusheshisa ukwakhiwa komhlaba omusha” futhi ukuvakasha kukaPutin kukhombisa ukunganqotshwa nokuqina kobungani nobunye bawo, kusho isikhungo sezindaba saseNorth Korea iKCNA.
I-Russia isebenzise ubudlelwano bayo neNorth Korea ukujova iWashington, kuyilapho iNorth Korea ethole unswinyo olunningi oluvela kwamazwe aseNtshonalanga izuze ukusekelwa kwezepolitiki kanye nezithembiso zokusekelwa kwezomnotho kanye nokuhwebelana okuvela eMoscow.
IMelika namadlelandawonye ayo bathi besaba ukuthi iRussia ingase inikeze usizo ezinhlelweni ezicitshwayo(missile) nezikhali zenuzi zaseNorth Korea, ezivinjwe izinqumo ze-UN Security Council, futhi basole iPyongyang ngokuhlinzeka ngemicibisholo ejikijelwayo namagobolondo ezikhali asetshenziswa iRussia empini yayo ese-Ukraine. . IMoscow kanye nePyongyang bakuphikile ukudluliselwa kwezikhali.