ISomalia iqokelwe ubulungu boMkhandlu Wezokuphepha Wezizwe Ezihlangene
UMtaka ungumbhali wezindaba zamazwe neMeneja kwi-Igunundu Agency.
ISomalia iqokwe ukuthi isebenze kuwo uMkhandlu Wezokuphepha Wezizwe Ezihlangene (UNSC) njengelungu elingelona elangunaphakade iminyaka emibili.
ISomalia yagcina ukuba yingxenye yalo Mkhandlu ngowe-1972 ngesikhathi sokubusa kukaMohammed Siad Barre. Lokhu kuqokwa kwalelizwe okusha kusho ukuthi lizosebenza esigungwini esinamandla samalungu ali-15. Lokhu kusebenza kuzoqala ngoMasingana wezi- 2025 kuya kowezi-2026.
Umcwaningi ezindabeni zase-Afrika, uDkt u-Abdul Kharim, uthe, “Leli ikhasi elisha. Lokhu kubaluleke kakhulu kimi, okungenani kubaluleke kakhulu. Uyabona, iSomalia, kule minyaka engama-30 edlule, ibilokhu isematheni ngezizathu ezingalungile. Kungaba ukuqhuma kwebhomu noma othile ushonile, noma indlala. Kusukela ngonyaka odlule, izinto zihamba ngenye indlela. Manje, iSomalia isisematheni ngezizathu ezifanele.”
