I-USA iyaqhubeka nokufukamela u-Israeli
UMtaka ungumbhali wezindaba zamazwe neMeneja kwi-Igunundu Agency.
UNobhala Wezwe i-USA u-Antony Blinken utshele iKomidi Lezobudlelwano Nangaphandle KweSinethi ukuthi uzimisele ukusebenza ngempendulo efanele esinqumweni sikaMshushisi WeNkantolo Yamazwe Ngamazwe Yokucela izincwadi zokuboshwa kukaNdunankulu noNgqongqoshe Wezokuvikela wakwa-Israyeli.
Evumelana nemibono evela eWhite House echaze lesi senzo sikaKarim Khan “njengesingakholakali”, uBlinken uchaze umzamo wokufuna amacala abekwe uBenjamin Netanyahu kanye no-Yoav Gallant “njengenganekwane” phakathi kwemizamo yamalungu eCongress yokwethula umthetho ozovimbela uMshushisi, abangani nemindeni wakheukuthi bangakwazi ukungena e-USA.
Izincwadi ezigunyaza ukuboshwa
Isinqumo sikaMshushisi uKhan ngoMsombuluko sokufuna kubekwe amacala ubuholi beHamas kanye no-Israel ngezinsolo zobugebengu bempi kanye nobugebengu obubhekiswe esintwini maqondana nokuhlasela kwangomhla ziyisi-7 kuMfumfu kanye nokusabela kwezempi okwalandela okwacekela phansi iGaza kuzamazamise ezepolitiki hhayi nje kuphela e-Israel kodwa nase-USA yona ethi i-ICC ayinawo amandla okuthatha lesinqumo naphezu kwesinqumo seNkantolo Yokuqulwa Kwecala ngoNhlolanja wezi-2021 sokuthi yayinegunya lokujezisa ubugebengu ezindaweni ZasePalestine Ezihlaselwe – okuhlanganisa iGaza, iWest Bank kanye ne-East Jerusalem.
Siyaphikisana nesicelo se-ICC
UMengameli waseMelika u-Joe Biden naye ephawula ngalezincwadi ezigunyaza ukuboshwa kwabaholi uthe“Siyasichitha isicelo se-ICC sokuthi kuboshwe abaholi bakwa-Israel. Noma ngabe lezi zincwadi ezigunyaza ukuboshwa kwalabaholi zingasho ukuthini, akukho ukulingana phakathi kwe-Israeli neHamas, futhi kuyacaca ukuthi u-Israeli ifuna ukwenza konke okusemandleni ukuqinisekisa ukuvikelwa kwabantu. Ake ngicacise. Ngokuphambene nezinsolo ezibhekiswe ku-Israeli ezenziwe yiNkantolo Yobulungisa Yamazwe Ngamazwe, okwenzekayo akukhona ukuqothulwa kohlanga. Siyakwenqaba lokho futhi siyohlala sima no-Israyeli kwizinsongo ezimelene nokuphepha kwayo.”
NgoLwesibili, uSomlomo weNdlu weqembu lamaRepublican uMike Johnson uthe uzoqhubeka nokumema uNetanyahu ukuthi azokhuluma neCongress naphezu kwaloludaba oluse-Hague.
Esitatimendeni sakhe sangoMsombuluko, uMshushisi uKhan uthe kubalulekile ukuthi iHhovisi lakhe kanye namajaji azimele eNkantolo avunyelwe ukuthi enze umsebenzi wawo ngokukhululeka nangokungachemi, egcizelela ukuthi yonke imizamo yokuvimbela, ukusabisa, noma ukuthonya ngokungafanele izikhulu zenkantolo kumele ime ngokushesha futhi iHhovisi lakhe lime ngomumo ukuthi lisebenze ngokuhambisana neSigaba 70 soMthetho WaseRoma okhuluma ngamacala amelene nokuphathwa kobulungisa.