IMalawi imemezele isikhathi esiyizinsuku ezingama-21 sokuzila



UMtaka ungumbhali wezindaba zamazwe neMeneja kwi-Igunundu Agency.
UMengameli waseMalawi uLazarus Chakwera usememezele isikhathi sokuzila sezinsuku ezingama-21 kulandela ukushona kwePhini likaMengameli wezwe uDkt Saulos Chilima.
UChilima kanye nabagibeli abayisishiyagalolunye bashona engozini yendiza ngoMsombuluko ngemuva kokunyamalala kwayo esilawulini sezindiza ngesikhathi indiza phakathi kuleliya lizwe. Isidumbu sikaSekela Mongameli ongasekho sesifikile enhlokodolobha iLilongwe. Amalungiselelo omngcwabo ayaqhubeka ukuze angcwatshwe uChilima nabanye abashona engozini yendiza enophephela emhlane.
UMengameli uChakwera uchaze iphini lakhe elingasekho emhlabeni njengomuntu obethanda izwe futhi eyindoda esabekayo, wathi ukushona kwakhe kubuhlungu kabi. Khonamanjalo, uMengameli waseNingizimu Afrika uMnu uCyril Ramaphosa uthi lesi yisikhathi esilethe usizi lodwa.
URamaphosa uthe iNingizimu Afrika ibumbene nabantu baseMalawi njengoba bekhalela ukudlula emhlabeni komholi osemusha owaqhubekisela phambili izifiso zezwe lakhe kanye nentsha yezwekazi lase-Afrika esikhundleni sakhe sobumongameli baseMalawi.