Oqokelwe esobumengameli eGhana uJohn Dramani Mahama useqoke ithimba elimelene nenkohlakalo elizoqoqa imininingwane mayelana nenkohlakalo.
Ujenene omkhulu waseRussia obengamele amabutho avikela izikhali zenuzi, ezebhayoloji kanye namakhemikhali ezweni ubulewe ekuqhumeni okwenzeke eMoscow.
Inhloko yesigungu sabaphenyi be-UN isibhalele iziphathimandla ezintsha zaseSyria ukuthi izwakalise ukuthi zizimisele ngokuxoxisana nazo.
UNobhala-Jikelele we-United Nations (UN) u-António Guterres uthi udweshu lwaseSudan lubhebhezelwa abantu abangaphandle kwezwekazi.
INkantolo yoMthethosisekelo yaseZambia ikhiphe isinqumo sokuthi lowo owayenguMengameli u-Edgar Lungu akafaneleki ukungenela elinye ihlandla esikhundleni.
Abashushisi be-ICC bacele abehluleli ngoMsombuluko ukuthi bathole amadoda amabili asolwa ngokuhola amasosha angamaKrestu ekuhlaseleni.
Izimpi ziyashuba phakathi kwamasosha kahulumeni namavukelambuso e-M23 empumalanga yeDemocratic Republic of Congo (DRC), naphezu kwesivumelwano sakamuva esihlose ukubuyisa ukuthula esifundeni esikhungethwe yizimpi.
UNetumbo Nandi-Ndaitwah, uthi ukubhekana nenkinga yokuntuleka kwemisebenzi ezweni kuseqhulwini ezinhlelweni zakhe.
ISenegal ngeSonto igubhe iminyaka engama-80 kwabulawa amasosha ayo ayelwela iFrance ngesikhathi seMpi Yomhlaba Yesibili.
UMengameli waseKenya uWilliam Ruto izolo uthe yena noMengameli wase-Uganda uYoweri Museveni bazosiza ekuxazululeni ingxabano ephakathi kwe-Ethiopia neSomalia odabeni olusabisa ngokudicilela phansi isifunda sase-Afrika.
UDonald Trump ulungiselela ukuqala kabusha izingxoxo noKim Jong Un.
Uhulumeni waseChad uthe ngoLwesine ususiqedile isivumelwano sabo sokubambisana kwezokuvikela neFrance.
Amasosha aseLebanon athi uIsraeli wephule isivumelwano sokumiswa kwezikhali izikhathi eziningi ngoLwesithathu nangoLwesine.
IRussia ithi zonke izikhali zayo zenuzi sezikulungele ukusetshenziswa.
UMQHATHI: IRussia ithi uDonald Trump uyazama ukuxoxisana ngezinhlelo zokuthula, kanti uBiden ufuna ukubhebhethekisa ingxabano e-Ukraine.
UNgqongqoshe Wezobudlelwano Namazwe Ngamazwe, uRonald Lamola uthi ukholelwa ukuthi ubulungiswa buzokwenziwa odabeni oluthinta impi yaseGaza.
IHezbollah idubule amarokhethi anzima kwa-Israel ngeSonto.
Imibiko ithi iYurophu ilungiselela iMpi Yomhlaba Yesithathu manje.
Njengoba i-Ukraine iqhubeka nokugadla ngezikhali zaseNtshonalanga phakathi eRussia kungaba itulo lokulinga iBhele lizifake ogibeni.
Abatakuli baqale ukuthungatha abantu abavaleleke ngaphansi kwemfucumfucu ekuseni ngoLwesithathu, ngemuva kosuku ukubihlika komhlaba kudale umonakalo endaweni yase-Wayanad.
Ukuhlasela kwe-Drone kuphazamise umcimbi wokuthweswa iziqu eGibeit Army Base empumalanga yeSudan.
U-Emad Saber, onguMqondisi Wamazwe mpumalanga, imaphakathi naseNingizimu ne-Afrika, unxuse bonke labo abeseka abantu basePalestine eGaza ukuba benze umhla zi-3 kuNcwaba usuku lwentukuthelo ngokumelene nokudliwa kwePalestine.
Izintatheli ezimbili ezisebenzela i-Al Jazeera Arab Network zibulewe ekuhlaseleni kwa-Israel ngezomoya (air strike) endaweni yaseGaza.
Ibutho laseSudan iRapid Support Forces(RFS) lenze izenzo zodlame zocansi ezisabalele enhlokodolobha iKhartoum.