INkantolo YoMhlaba iphenya amacala ezempi eDarfur



UMtaka ungumbhali wezindaba zamazwe neMeneja kwi-Igunundu Agency.
UMshushisi Omkhulu we-International Criminal Court (ICC) uphenya ngokuphuthumayo izinsolo zobugebengu bezempi kanye nobugebengu obubhekiswe kubantu e-al-Fashir eSudan.
Idolobha iDarfur seliphenduke isizinda esisha engxabanweni phakathi kwamasosha aseSudan kanye neParamilitary Rapid Support Forces. NgoLwesibili, uKarim Khan ucele noma ngubani onobufakazi okungenzeka, okuhlanganisa nokulalelwayo nokubonwayo, ukuba abuthumele eHhovisi lakhe.
“Ubufakazi obuqoqwe yiHhovisi lami kuze kube manje bubonakala bukhombisa izinsolo ezikholakalayo, eziphindaphindwayo, ezandayo, eziqhubekayo zokuhlaselwa kwezakhamuzi, ikakhulukazi ukuhlasela okubhekiswe ngqo ezinkambini zabantu ababalekayo. Kubukeka kukhombisa ukwanda kwezenzo zokudlwengula nezinye izinhlobo zodlame locansi. Kubukeka kudalula ngokungaguquki ukudutshulwa kwezindawo zabantu, ukuphangwa kwezakhiwo nokuhlaselwa kwezibhedlela. Ngikhathazeke kakhulu ngokugqugquzelwa ngokobuhlanga kwalokhu kuhlaselwa kweMasalit neminye imiphakathi.”
I-Al-Fashir iyikhaya lezakhamizi ezingaphezu kwesigidi esi-1.8 kanye nabantu abangenamakhaya. Kodwa babalelwa ezi-130 000 asebebalekele amakhaya abo lapho, ngokusho kweNhlangano Yezizwe, ngenxa yezimpi ngoMbasa nangoNhlaba.
NgeSonto, inhlangano engekho ngaphansi kwahulumeni yezokwelapha iDoctors Without Borders ithe isibhedlela esikhulu sase-Al-Fashir sihlaselwe yiRSF futhi sayeka ukusebenza. I-RSF, engazange iphendule esicelweni sokuphawula, isithathe inhlokodolobha iKhartoum kanye nengxenye enkulu yeWestern Sudan.
Le mpi esinezinyanga ezili-14 idale inkinga enkulu yokufuduka kwabantu emhlabeni futhi, ekupheleni kukaNhlaba, izinhlaka ze-UN zaxwayisa “ngengozi eseduze yendlala”.