Now Reading
Kushone abahlanu ababhikishi bengena ePhalamende
Dark Light

Kushone abahlanu ababhikishi bengena ePhalamende

UMengameli waseKenya, uWilliam Ruto, izolo uthe ezokuphepha “yinto eza kuqala kuye” ngemuva kwemibhikisho ephikisana noMthethosivivinywa wokukhushulwa kwentela osuphenduke udlame, nalapho amaphoyisa edubula ababhikishi abebezama ukugasela eSishayamthetho, kwashona okungenani abahlanu.

Ezigcawini ezinesiphithiphithi enhlokodolobha iNairobi, ababhikishi bagcwala babangaphezu kwamaphoyisa bawaxosha bezama ukungena egcekeni lephalamende, kwathi ngokuhamba kwesikhathi iCitizen TV yakhombisa umonakalo ongaphakathi ebhilidini, elase lishiswe kancane.

Imibhikisho kanye nokungqubuzana kwenzeke nakwamanye amadolobha namadolobhana amaningi kulo lonke elaseKenya, abaningi befuna uRuto ashiye kanjalo nokuzwakalisa ukungahambisani nokunyuswa kwentela.

Enkulumeni yakhe kumathelevishini esizweni, uRuto uthe inkulumompikiswano yentela “idunwe abantu abayingozi”. “Akukuhle, noma kuyenzeka, ukuthi izigebengu ezizenza ababhikishi abanokuthula zingabusa abantu…,” esho, ethembisa ukusabela ngokushesha “ezehlakalweni zokuvukela umbuso” zangoLwesibili.

Amaphoyisa aseNairobi avulele ngenhlamvu ngemuva kokuthi isisi esikhalisa unyembezi nesibhamu samanzi sihlulekile ukuhlakaza isixuku. Bagcine bekwazile ukuxosha ababhikishi ebhilidini lePhalamende kanti abenzimthetho bakhishwa ngomhubhe ongaphansi komhlaba, kusho abezindaba bendawo.

See Also

Kamuva-nje, uNgqongqoshe Wezokuvikela u-Aden Duale uthe amasosha ajutshwe ukusiza amaphoyisa ukubhekana “nesimo esiphuthumayo sezokuphepha” esiholele “ekucekeleni phansi nokuphulwa kwengqalasizinda ebalulekile”.

IKenya Medical Association ithe abantu abahlanu badutshulwe bafa ngesikhathi belapha abalimele futhi kwalimala abangama-31, abali-13 badutshulwa ngezinhlamvu ezibukhoma nabane ngezinhlamvu zenjoloba.

Scroll To Top