Now Reading
Kungase kugawule izembe ophikweni lamaselula kwaTelkom
Dark Light

Kungase kugawule izembe ophikweni lamaselula kwaTelkom

Inkampani yenethiwekhi yomakhalekhukhwini, iTelkom, usimemezele inhloso yayo yokuqala uhlelo lokudiliza oluzothinta ama-15% wabasebenzi bayo.

Lenkampani iveze ukuthi izoqala izindlela zokunciphisa izindleko njengoba ibheke ukuhlela kabusha eminye yemisebenzi yayo. Ithi lokhu kungenxa yesimo sokuhweba esinzima eNingizimu Afrika.

UNobhala Jikelele wenyunyana iCommunications Workers Union (CWU) u-Aubrey Tshabalala uthe sebehlonze umkhuba lapho abakwaTelkom bediliza abasebenzi ukuze inkampani izokwazi  ukuklomelisa abaphathi.

UTshabalala uthe, “KwaTelkom sibheka abasebenzi abangaphezulu nje kwezi-2000, uma kufanele ufake nezinkampani ezincane ezingaphansi kweTelkom. Kumele ngiphinde ngiveze ukuthi abakwaTelkom basithumelele isimemo somhlangano sekusele ihora ngaphambi komhlangano wayizolo (ngoLwesibili) lapho begcine bememezele khona ukuthi bahlose ukudiliza laba basebenzi.”

See Also

 “Eminyakeni edlule, kusanda kudilizwa abasebenzi, kepha kwaphuma amabhonasi anikezwa izikhulu eziphezulu. Uma lokhu kungayekwa, ngowezi-2025 sizobe sesibhekana nento efanayo lapho iTelkom ezofika nezaba ezifanayo ngoba bekuyilona uhlobo lwebhizinisi abebelusebenzisa,” kwengeza uTshabalala.

Scroll To Top