Ingcosana evotile okhethweni lwaseTunisia



UMtaka ungumbhali wezindaba zamazwe neMeneja kwi-Igunundu Agency.
UMengameli waseTunisia usole inani eliphansi kakhulu labavotile okhethweni lwasephalamende ngenxa yenzondo phakathi kwabavoti bephalamende, hhayi ukwehla kokuthandwa kwakhe.
Ikhomishini yezokhetho imemezele ukuthi bayi-11.4% kuphela abavotile ngeSonto kukhetho lwephalamende. Abagxeka uMengameli uKais Saied bathi izikhungo zokuvota ebezingenamuntu ziwubufakazi bokungajabuli kwezakhamuzi ngohlelo lwakhe kanye nokuthatha kwakhe amandla.
Amaqembu aphikisayo aphakamise ukuthi uSaied ukuthi esule esikhundleni ngemuva kwalokho akubiza ngokuthi “ukwehluleka okukhulu”, ethi ukhetho oluphuthumayo lwasephalamende nolomongameli liyisixazululo sayo yonke inkinga.
USaied uzichithile lezinsolo, wabiza abamgxekayo ngokuthi “amambuka”.
“Ama-90% awazange uvote. Lokhu kuqinisekisa ukuthi abantu baseTunisia abasasithembi lesi sikhungo. Kule minyaka eyishumi eyedlule, iPhalamende beliyisikhungo esingenangqondo kanye nombuso ngaphakathi kombuso,” kusho uSaied.
“Ukuthandwa kwethu kukhulu kunokwabo”, engeza emhlanganweni noNdunankulu uNajla Bouden. USaied wavala iphalamende ngombayimbayi ngowezi-2021, wachitha uhulumeni waqala ukubusa ngomthetho (decree), okuyisinyathelo abaphikisi abasibiza ngokuthi ukuketula umbuso. Usole abashayimthetho ngokwamukela izizumbulu zemali uma bephasisa imithetho.
Iphalamende elisanda kumiswa liye lancipha indima yalo njengengxenye yohlelo lwezepolitiki uSaied ayethule ngonyaka odlule.
Abantu abaningi baseTunisia babonakale bekwamukela ukuthatha amandla ngokuphelele kukaSaied eminyakeni emibili edlule, ngemuva kweminyaka eminingi yemifelandawonye ebusayo ebonakala ingakwazi ukuvuselela umnotho osuwohloka, ukuthuthukisa izinsiza zomphakathi noma ukunciphisa ukungalingani okuqinile.
Kodwa uSaied akazange azwakalise i-ajenda yezomnotho ecacile ngaphandle nje kokugxeka inkohlakalo nabaqageli abangadalulwanga, abasole ngokukhuphuka kwamanani entengo.