Sichazwe njengesobudlova isenzo seRwanda
UMtaka ungumbhali wezindaba zamazwe neMeneja kwi-Igunundu Agency.
NgoLwesibili amasosha aseRwanda adubule indiza yezempi ebisuka eDemocratic Republic of Congo (DRC) athe ingene endaweni yawo (violated airspace) nokuholele ekutheni uhulumeni waseCongo uyisole ngesenzo sempi.
Ivideo eyabiwe kabanzi ezinkundleni zokuxhumana zaseCongo ikhombisa ukudubula okubhekiswe endizeni yamasosha ehamba emoyeni, ngaphambi kokuthi kuqhume emoyeni eduze kwendiza, eqhubeke nokundiza.
ICongo iziphikile izinsolo zeRwanda zokuthi indiza ibisendaweni yomoya yaseRwanda – lesisigameko siyingxabano yakamuva phakathi kwalamazwe amabili ubudlelwano bawo obubuye baphazanyiswa amavukelambuso.
“Izibhamu zaseRwanda beziqondiswe endizeni yaseCongo ebindiza endaweni yaseCongo,” kusho iCongo esitatimendeni, iqinisekisa ukuthi indiza ifike enhlokodolobha yesifundazwe iGoma ngaphandle komonakalo omkhulu.
Ichaze isenzo seRwanda “njengesenzo sobudlova sangamabomu esifana nesenzo sempi” okuhloswe ngaso ukubukela phansi isivumelwano sokuthula sokuqeda ukuhlasela kweqembu lamavukelambuso i-M23.
Phambilini uhulumeni waseRwanda uthe amasosha aseRwanda adubule ibhanoyi ngemuva kokuthi ingene endaweni yaseRwanda eRubavu – indawo efanayo nezinsolo zokwephulwa kwemithetho yangaphambilini, “okwenze ukuthi uhulumeni uthathe izinyathelo zokuzivikela.”
“I-Rwanda icela i-DRC ukuthi inqande lolu dlame,” kusho okhulumela uhulumeni uYolande Makolo esitatimendeni. ICongo, ongoti beNhlangano Yezizwe kanye namazwe aseNtshonalanga basole iRwanda ngokweseka i-M23 empumalanga yeCongo, eyathumba amadolobha namadolobhana amaningi ezimpini ezivuselelwe ngonyaka odlule. I-Rwanda ikuphikile ukubandakanyeka.
Abaholi bezifunda benze isivumelwano ngoLwezi lapho iqembu eliholwa ngamaTutsi bekumele lihoxe ezindaweni ezisanda kudliwa ngoMasingana zili- 15 njengengxenye yemizamo yokuqeda ukulwa osekushiye okungenani abantu abangu-450,000.
UMengameli waseCongo uFelix Tshisekedi uthe ngesonto eledlule amavukelambuso abengakahoxi ngokugcwele kulezo zindawo.