Ayashabalala amathemba ngokuphela kwempi e-Ukraine



UMtaka ungumbhali wezindaba zamazwe neMeneja kwi-Igunundu Agency.
UNgqongqoshe Wezokuvikela e-Ukraine uthe amathangi amasha anikezwe amazwe eNATO azosebenza “njengesibhakela sensimbi” lapho iKyiv izowasebenzisa ukunqamula imigqa yokuzivikela yaseRussia.
UMnu u-Oleksii Reznikov (osesithombeni), utshele isithangami sezindaba nozakwabo wasePoland ukuthi izimpahla zaseNtshonalanga zezibhamu ezili-155 mm zibalulekile ukuze i-Ukraine ibhekane nokuhlasela kweRussia okuseningizimu nasempumalanga yalelizwe. “Umfelandawonye wamathangi amasha namathangi amakhulu amazwe eNATO – sidinga lokhu ukuze silwe, sizokusebenzisa njengesibhakela sensimbi ukuze sidabule imigqa yabo yokuzivikela,” kusho ungqongqoshe.
UNgqongqoshe Wezokuvikela wasePoland uMariusz Blaszczak, eKyiv ngoLwesihlanu lapho ezoxoxisana khona noReznikov, uthe iWarsaw isiza ukuqeqesha amasosha ase-Ukraine ukuthi asebenzise amathangi aseNtshonalanga nokuthi ukuqeda ukuqeqeshwa kuyinto engathatha “amasonto hhayi izinsuku noma izinyanga”.
IKyiv ithole izithembiso ezivela eNtshonalanga ngenyanga edlule zokuhlinzeka ngamathangi empi amakhulu ukusiza ukuvikela ukuhlasela kweRussia, lapho iMoscow ifaka imizamo emikhulu yokuthatha indawo empumalanga yaseUkraine.
UNgqongqoshe Wezangaphandle uDmytro Kuleba uthe uhulumeni ulindele ukuthola amathangi aseNtshonalanga ayi-120 kuya kwayi-140 kumfelandawonye wamazwe ali-12 ochungechungeni lokuqala lokudiliva, okuhlanganisa neGerman Leopard 2, British Challenger 2 kanye ne-US M1 Abrams tanks.
AmaRashiya aqhubeka nokuthumela amabutho
UMengameli wase-Ukraine, uVolodymyr Zelenskiy, uthe isimo siya ngokuba nzima emigqeni esempumalanga yezwe kanti iRussia ilokhu ifaka amasosha amaningi empini.
Amasosha aseRussia athola amandla kancane esifundeni saseDonbas, ezungeza idolobha lase-Bakhmut enyakatho yeDonetsk futhi alwela ukulawula umgwaqo oseduze okuwumzila omkhulu wokuphakela amabutho ase-Ukraine. Bazama nokuthumba iVuhledar, eningizimu-ntshonalanga yeDonetsk. “Bengivame ukusho ukuthi isimo emigqeni ephambili sinzima, futhi siya ngokuba nzima, futhi sekuyisikhathi futhi. Umhlaseli ufaka amabutho akhe amaningi ekubhidlizeni ukuzivikela kwethu,” kusho uZelenskiy ekhelini levidiyo.
“Kunzima kakhulu manje eBakhmut, Vuhledar, Lyman nakwezinye izindawo,” eqhubeka.
Ngasekuqaleni kosuku, iPhini likaNgqongqoshe Wezokuvikela uHanna Malyar wabhala kuTelegram ukuthi imizamo yaseRussia yokuqeda ukuzivikela eBakhmut naseLyman yehlulekile.
ILyman, esenyakatho yeBakhmut, yakhululwa amabutho ase-Ukraine ngoMfumfu wonyaka odlule.