Ababhikishi basaqhubeka nokumhlalisa ngesinqe esisodwa uSaied
UMtaka ungumbhali wezindaba zamazwe neMeneja kwi-Igunundu Agency.
Ababhikishi badlule kwimigoqo yamaphoyisa ngesikhathi bebhikisha bephikisana nokuqhwagwa kukaMengameli waseTunisia uKais Saied amandla ezwe enkabeni yeTunis ngoMgqibelo, okuwusuku olubalulekile loguquko lowezi-2011 olwaletha intando yeningi.
Amaqembu aphikisayo asahlukene phakathi emizamweni wokusunduza uSaied esikhundleni kanti imibhikisho ihlukaniswe ngamaqembu amaningi amaphoyisa athe kufanele kubhikishwe ezindaweni ezihlukene, ezicacisiwe.
Ababhikishi bathi bahlela ukudelela imiyalelo yamaphoyisa bese bemasha bebheke emgwaqeni uHabib Bourguiba Avenue, lapho bekunemihlangano khona abantu abaningi, base beqa khona imigoqo, ngokusho kwentatheli yeReuters.
“SasiseBourguiba ngoMasingana wezi-2011 ngesikhathi uSaied engekho, namuhla uvala iBourguiba kithina. Sizofinyelela kuyona noma kungathiwani,” kusho uChaima Issa, isishoshovu esabamba iqhaza ekuvukeleni umbuso ngowezi-2011.
Amakhulu ababhikishi abekhona endaweni eyodwa nje lapho iReuters yayikhona. Inqwaba yamaphoyisa ibibonakala ngaphandle kwesakhiwo soMnyango Wezangaphakathi kuHabib Bouguiba Avenue. USaied wavala iphalamende elikhethiwe ngowezi-2021 futhi waqala ukubumba kabusha uhlelo lwezepolitiki, kodwa inani eliphansi labantu abeza okhethweni lwangoZibandlela lwesishayamthetho esisha, esingenawo amandla, lembula intshisekelo encane yomphakathi ngezinguquko zakhe.
Sekukhona abaningi kwezepolitiki, okuhlanganisa amaqembu kanye nenyunyana yabasebenzi, asebephikisana nephrojekthi kaSaied, abaningi babo bayibiza ngokuvukela umbuso okuphambene nentando yeningi.
Nokho, baye bahluleka ukulungisa imifantu ejulile yemibono neyomuntu siqu eyabahlukanisa iminyaka eminingi kunokuba bakhe ibutho elibumbene elizobhekana noMengameli.
Amaqembu amaningi asayenqaba indima yeqembu elikhulu kunawo wonke, i-Islamist Ennahda. Inyunyana yabasebenzi enamandla i-UGTT ifuna inkhulumomphendulwano kazwelonke kodwa ngeke imeme noma yiliphi iqembu elisola uSaied ngokuketula umbuso wezwe.
Imibhikisho iza eminyakeni eli-12 kusukela osukwini lokuxoshwa kwalowo owayengumholi walelizwe, uZine al-Abidine Ben Ali, kanti uMasingana zili-14 ubonwa ngamaqembu amaningi aseTunisia kanye nezinhlangano zomphakathi njengosuku lokukhumbula uguquko.
Kodwa-ke, u-Saied walushintsha eyedwa usuku futhi wathi yena siqu uMasingana zili-14 uwubheka njengomzuzu lapho uguquko lwaduka.
Nakuba kungakaze kube nokucindezela okukhulu kwabamelene noSaied, futhi amaphoyisa avumele imibhikisho eminingi emelene naye, ukuphatha kwawo imibhikisho ngoMasingana zili-14 ngonyaka odlule kwakunesihluku kakhulu, okwabangela ukuthi kuthole ukugxekwa kwabalwela amalungelo abantu.